
Celani Sikhakhane
Umculi kaMaskandi oseke wawina izindondo, uQhoshangokwenzakwakhe Sibisi, uthi usenkingeni nowesifazane osabisa ngokukhipha ividiyo yakhe enqunu uma engamkhokheli imali engu-R5 000.
UQhosha, owine indondo ye-Crown Maskandi Gospel neye-Satma, usequnge isibindi watshela lo wesifazane ukuthi azikhiphe lezi zithombe njengoba engeke amkhokhele ngisho isenti.
NgoLwesihlanu ukhiphe i-screenshot sombhalo wowesifazane ofuna imali.
“Nginevidiyo yakho engayithatha ngesikhathi ulele,” kusho umbhalo.
“Ubunqunu futhi ngizokufaka ezinkundleni zokuxhumana. Nginike u-R5,000 ukuze ngizoyisusa ividiyo”.
Uthe uma engakhokhi uzoyikhipha le vidiyo.
“Kazi bazothini abalandeli bakho,” kusho owesifazane.
UQhosha utshele i-Scrolla.Africa ukuthi usezame ngakho konke okusemandleni ukuncenga owesifazane ukuthi angayikhiphi ividiyo yakhe enqunu kodwa owesifazane akazimisele ngokwenza lokho.
“Ngithathe isinqumo sokuthi ngimyeke aqhubeke noma ngabe abalandeli bami bazophoxeka noma cha, ngilinde ukuthi akhiphe ividiyo,” usho kanje.
UQhosha utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubengakawabikeli amaphoyisa ngalesi simo.
Akazange acacise ukuthi ubethandana nalo wesifazane noma cha futhi wehlulekile ukunikeza i-Scrolla.Africa izinombolo zakhe zocingo.
“Mfowethu, ngiyashayela futhi angikwazi ukukhuluma nawe kabanzi. Ngizoboshwa uma ngitholakala ngikhuluma nocingo,” kusho uQhosha ngaphambi kokuvala ucingo.
Umngani ongathandanga ukudalulwa igama uthe: “UQhosha kumele alusukumele lolu daba ngoba luzowuqeda nya umculo wakhe. Abalandeli bakaMaskandi bayawalandela amasiko. Angeke bakujabulele ukubona ividiyo yakhe ekuleso simo.”