UMashele uzomela izwe kwezokugijima

Lubhalwe nguThathe Msimango

UPrecious Mashele uvale unyaka ehambela phezulu ngemuva kokunqoba umjaho wamakhilomitha ayishumi emncintiswaneni wokukhetha abagijimi abazomela izwe we-Athletics South Africa Cross Country  ngoMgqibelo e-Potchefstroom.

UMashele unqobe ngesikhathi esimangalisayo esingu-30:15 kwalandela uMaxime Chaumeton endaweni yesibili, kanye no-Elroy Gelant ofinyelele kwabathathu abahamba phambili.

Emjahweni wabesifazane, uCian Oldknow unqobe ngesikhathi esingu-35:31 endaweni ebinzima. UKyla Jacobs uthathe indawo yesibili kwathi uKesa Molotsane waba ngowesithathu.

Lo mcimbi ubungowokukhetha abasubathi abazomela izwe emncintiswaneni wabasubathi abangompetha kwi-World Athletics Cross Country ngoNhlolanja e-Bathurst, e-Australia.

UMashele utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bekungewona umjaho olula njengoba bekumenywe abasubathi abasezingeni eliphezulu ukuthi babambe iqhaza. 

“Kodwa ngazitshela ukuthi ngizogxila ekutholeni imiphumela emihle,” kusho uMashele.

“Ngike ngaba nokulimala eqolo okwenze kwaba nzima ukugijima kahle. Angizange ngibe nonyaka omuhle ngendlela ebengifisa ngayo kodwa sengizoqala kabusha.”

UMashele (32) obemele iNingizimu Afrika ngo-2019 emncintiswaneni wompetha kwi-World Athletics Cross Country e-Denmark, uthe ukumela izwe lakhe esiteji esikhulu kusamjabulisa.

“Ngikubheke ngabomvu ukuya e-Australia ngonyaka ozayo,” kusho yena.

Uthe ubone sekuyisikhathi sokuthi aqale ukugijima ibanga elide ngonyaka ozayo njengoba ebheke kuma-Olympics ase-Paris ngo-2024.

UMashele ugijima ngaphansi kwenkampani ye-Boxer Athletics futhi uqeqeshwa umsubathi uHendrik Ramaala owanqoba umjaho wase-Paris ngo-2004.

“Kumele ngigijime umjaho owodwa webanga elide ngonyaka ozayo ikakhulukazi uma sekuzophela unyaka. Ngisazoqhubeka ngigijime amabanga angamakhilomitha angu-10 kanye nangu-21 ukuzei ngikwazi ukunyusa isivinini,” kusho uMashele.

“I-Covid-19 iphazamise izinhlelo zami zokugijima imijaho yamabanga amade. Ukungena ezingeni lokugijima amabanga amade kuyangijabulisa,” esho.

Osesithombeni esingenhla: UPrecious Mashele

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva