UMashatile umile kwelokuthi akanacala ngemuva kokunikela ngemali esontweni

Lungani Zungu

UPaul Mashatile akakhathazekile ngalutho ngemuva kokuthi amaqembu aphikisayo ecele i-Independent Electoral Commission (i-IEC) ukuthi imkhiphe ngaphambi kwesigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe ngemuva kokubonakala ekhipha imali kumalungu esonto e-Limpopo.

“Bengisesontweni, futhi njengabo bonke abantu, nginqume ukunika abantu imali. Angiboni lutho olubi ngalokho,” kusho umgcinimafa-jikelele we-ANC etshela i-Scrolla.Africa.

UMashatile ubese-Limpopo njengengxenye yomkhankaso wakhe wokhetho ngaphambi kokhetho lwangomhla wokuqala kuLwezi.

“Amaqembu aphikisayo adlala ipolitiki nje. Ngizoqhubeka ngenze engikwenzile uma ngiphinda ngithola ithuba,” esho.

Kodwa abaningi, kubalwa nelungu le-ANC uCarl Niehaus, bakhwela badilika besola uMashatile.

“Ubenika abantu imali ekubeni abasebenzi be-ANC bengakhokhelwe isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu,” kusho uNiehaus, naye osaqhubeka nokuthola umholo wakhe.

UNiehaus uthe isenzo sikaMashatile siyakhathaza.

“Kuyindida ukuthi awukwazi ukukhokha amaholo abasebenzi bakho, kodwa ufafaza imali ngesikhathi sokukhankasa”.

I-Congress of the People (i-Cope) ibiphakathi kwamaqembu aphikisa isenzo sikaMashatile.

“I-IEC kumele ilubhekisise ngokushesha lolu daba ngoba uma ingathathi isinyathelo, kusasa elinye iqembu lizokwenza okufanayo lingajeziswa. Akuqali nge-ANC lokhu,” kusho okhulumela i-Cope uDennis Bloem ecashunwa yiphephandaba i-Citizen.

I-IEC kusafanele ikhombise ukuthi izokwenzenjani ngoMashatile.

“Akufani nokuthi ubize umhlangano oyimfihlo wanikeza abantu imali. Lokhu ukwenze esontweni abantu bonke bebukele,” kusho okhulumela i-ANC uPule Mabe.

Kodwa-ke, umqondisi we-Accountability Now u-advocate Paul Hoffman uthe isenzo sikaMashatile siphikisana nomoya wokhetho olukhululekile nolunobulungiswa.

“Lesi yisenzo esingekho emthethweni nesijeziswa ngumthetho”.

Izihloko zakamuva