UMashatile ugqugquzele uMzansi ukuhlonipha amaqhawe enkululeko 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

IPhini likaMengameli uPaul Mashatile unxuse izakhamizi zakuleli ukuthi zibumbane ukuze zivikele amagugu ezwe futhi zikhumbule umlando wazo ukuze kwakhiwe ikusasa elingcono. 

Ukhulume emcimbini wokugubha uSuku lwaMagugu enkundleni yezemidlalo i-Meqheleng e-Ficksburg, e-Free State, ngoLwesibili.

Abantu bayo yonke iminyaka bebehambele lo mcimbi, bezigqaja begqoke imvunulo yesintu ukukhombisa ukwehluka kwamasiko abo.

Indikimba yeNyanga yamaGugu yalo nyaka ithi “Sibungaza Izimpilo Zamaqhawe Ethu NamaQhawekazi Abeka Izimpilo Zawo Encupheni Ngenkululeko Yethu.”

UMashatile uthe kubalulekile ukuthi kubhekwe ukulwela intando yeningi kanye nokuhlonipha amasiko adlule ezizukulwaneni ngezizukulwane.

“Kumele sibheke emuva eminyakeni engu-30 yentando yeningi. Kuyimpumelelo enkulu ekhombisa ukuhlukahluka kwethu okucebile kanye namagugu. Kubalulekile ukukhumbula abantu abanesibindi njengoJB Marks noMoses Kotane abalwa ukuze sithole inkululeko,” usho kanje.

UMashatile uthe indikimba yalo nyaka ihlonipha labo abamelene nokungabi nabulungiswa nokwenza ukuthi abantu bathole inkululeko namhlanje.

Uphinde wakhuluma ngesidingo sokugcina inkumbulo yalabo abalwela inkululeko futhi wanxusa abantu ukuthi bavikele amagugu aseNingizimu Afrika ezingozini ezifana nokukhula kwamadolobha, izinhlekelele zemvelo kanye nezinselele zomhlaba.

“Kumele siqhubeke nokwakhela phezu kwalokho okusihlanganisayo silungise izinkinga ezizama ukusihlukanisa. Ngokubungaza amagugu ethu ahlanganyelwe, singavala izikhala ezisihlukanisayo futhi siqhubekele phambili njengesizwe esibumbene,” engeza.

Esesithombeni esingenhla: IPhini likaMengameli uPaul Mashatile.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva