UMashatile ugqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuba bathole imishanguzo ye-AIDS

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UPaul Mashatile uhola umcimbi we-Wolrd AIDS DAY eGa-Masemola njengoba uhulumeni ephusha ukufinyelela kwizigidi zabantu abasengaphandle kwizinhlelo zokwelashwa kwe-HIV.

INingizimu Afrika inabantu abayizigidi eziyisishiyagalombili abane-HIV kodwa abangaphezu kwezigidi ezimbili abayitholi imishanguzo naphezu kokunakekelwa kwamahhala ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.

Imindeni yaseGa-Masemola nasezigodini eziseduze ibihlangene enkundleni yezemidlalo ngoMsombuluko njengoba iPhini likaMengameli uPaul Mashatile ehola umcimbi omkhulu waseNingizimu Afrika we-World AIDS Day.

UNgqongqoshe Wezempilo u-Aaron Motsoaledi kanye nabanye abaholi bahlanganyele naye ukuze bacabange ngenqubekelaphambili nomsebenzi onzima oseza.

INingizimu Afrika inabantu abaningi abane-HIV kunanoma yiliphi elinye izwe, njengoba bengaphezu kwezigidi eziyisishiyagalombili abahaqwe yilesi sifo.

Babalelwa ezigidini eziyisithupha abadla imishanguzo kanti abangaphezu kwezigidi ezingu-3.5 bacindezelwe yigciwane.
Kodwa abantu abangaphezu kwezigidi ezimbili abakayitholi imithi ebagcina bephilile.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo uFoster Mohale uthi umyalezo walo nyaka ulula futhi uyaphuthuma.
“Asikwazi ukwehlisa ijubane,” kusho yena.

Uthi izigidi zisadinga ukwesekwa ukuze ziqale futhi ziqhubeke nemithi, nokuzivikela ezifweni ezintsha.

Uhulumeni uqinisa izinhlelo zokufinyelela kulabo abasele ngemuva. Kunomkhankaso obizwa nge- 1.1 Million – Close the Gap, okuhloswe ngawo ukuthola nokwelapha abantu abangaphezu kwesigidi abazaziyo ngesimo sabo se-HIV kodwa abangakayisebenzisi imithi.
Olunye uhlelo lwe-Six Multi-Month Dispensing luvumela iziguli ezizinzile ukuthi zilande imithi yezinyanga eziyisithupha.

UMohale uthi lokhu kusiza abantu ukuthi bahlale benakekelwa ngokuthi banciphise ukuya emtholampilo kube kabili ngonyaka.
Zonke izinsiza zihlala mahhala ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.

Indikimba yalonyaka ithi ‘Overcoming disruption, transforming the AIDS response.

UMkhandlu Kazwelonke Wengculazi waseNingizimu Afrika uzama ukugcwalisa imbobo yokuxhasa ngezimali ngemva kokuncishiswa okukhulu oHlelweni Oluphuthumayo lukaMengameli wase-United States lwe-AIDS Relief.

Isikhulu esiphezulu seSANAC, uThembisile Xulu, sithi bayakhuluma nabanye abaxhasi, okubalwa kubo iClinton Health Access Initiative kanye ne-Elma Philanthropies.

Uthi akekho ongavala ngokugcwele uxhaso olulahlekile, kodwa basebenzela ukugcina izinhlelo zisebenza.

Osesithombeni esingenhla: IPhini likaMengameli uPaul Mashatile kwi-World AIDS Day eLimpopo.

Umthombo wesithombe: Uhulumeni waseNingizimu Afrika

Izihloko zakamuva