Everson Luhanga
Umholi we-ActionSA uMnu uHerman Mashaba ushaya phansi ngonyawo uthi abantu abaqhamuka emazweni angaphandle abangena kuleli ngokungemthetho kumele babuyiselwe emazweni abo.
OkaMashaba uphawule kanje ngemuva kwesigameko sokushona kwabantu baseZimbabwe abaminze kade bezama ukuwela umfula eLimpopo bezongena lapha eNingizimu Afrika.
Lo mholi udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe kodwa wama ekutheni noma ubani ongena ezweni ngokungekho emthethweni kumele abuyiselwe emuva ngokushesha.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo ne-Scrolla.Africa ngoLwesibili, uMashaba uthe izinkinga zase-Zimbabwe ngeke zixazululeke ngokudla imali yaseNingizimu Afrika.
Uthe iNingizimu Afrika kumele igxile ekubhekaneni nezinselelo zayo, njenge zinga eliphezulu labantu abangasebenzi.
UMashaba, oke waphumela obala ngodaba lokufuduka, ukubeke kwacaca ukuthi iNingizimu Afrika iyabamukela bonke abaqhamuka emazweni angaphandle kuleli, inqobo nje uma beza nezincwadi zomthetho besebenzisa imigudu efanele.
“Udaba oluphathelene nabantu abaqhamuka kwamanye amazwe abangena ngokungemthetho eNingizimu Afrika alufaki abase-Zimbabwe kuphela,” kusho uMashaba.
“Sinabantu abavela emhlabeni wonke abeza ezweni lethu bengenawo amaphepha asemthethweni.”
Uthe kumphatha kabi futhi kuyamcasula lokhu kugcwala kwabantu abaningi base-Zimbabwe okwenzeka emngceleni wase-Beit Bridge.
UMashaba usole iqembu elibusayo eZimbabwe i-Zanu-PF wathi iyona edala izinkinga kuleli yezwe.
Uphinde wasola uhulumeni we-ANC ngokufukamela iZanu-PF.
UMashaba weseka uNgqongqoshe weZasekhaya u-Aaron Motsoaledi, obevakashele emngceleni wase-Beit Bridge ngesonto eledlule, wachitha izinsuku ezimbili e-Limpopo ukuze aqinisekise ukuthi abaphuma emazweni angaphandle abangena bengayiphethe imvume ebagunyaza ukuthi bangene kuleli kumele baphindele emuva.
Uthe uzozeseka izinhlangano zakuleli ezifuna kugcinwe ukuphepha komnotho wakuleli ngokufuna kudingiswe abaphuma emazweni angaphandle abahleli ngokungemthetho.
Ebuzwa ngabantu abamchaza njengoDonald Trump waseNingizimu Afrika,” uMashaba uchaze lokho njenge ntimbothi. Wathi abantu abambiza ngoDonald Trump noma abamsola ngokucwasa babalekela amaqiniso nezinkinga iNingizimu Afrika ebhekene nazo.
“Uma sivumela wonke umuntu ukuthi angene ezweni lethu, iNingizimu Afrika izobhekana nezinkinga zokungakwazi ukusiza abantu ngenxa yokushoda kwezinsiza.”
UMashaba wengeze ngokuthi abantu baseNingizimu Afrika abangene kwamanye amazwe ngokungemthetho kumele nabo baboshwe babuyiselwe emuva.
Ugcizelele ukuthi abantu bakwamanye amazwe abaseNingizimu Afrika ngokusemthethweni, nabanomthelela ekukhuleni komnotho, abayona inkinga.