UMashaba uhluleke nokuzenzisa ngesikhathi uHelen ezomxhawula emcimbini kaRupert

Celani Sikhakhane

USihlalo we-DA, uHelen Zille kanye nomholi we-Action SA uHerman Mashaba bahlulekile ukubeka izinkinga zabo eceleni ngesikhathi somcimbi wokugubha usuku lokuzalwa lukaJohan Rupert.

Lokhu kuvezwe uZille ngesikhathi ekhuluma ne-Newzroom Afrika.

Ubudlelwano obushubile phakathi kukaMashaba noZille bungase bube yingozi kumadlelandawonye kaMasipala wase-Tshwane, eGoli kanye nase-Ekurhuleni.

UZille uveze ukuthi nakuba engazi ukuthi kungani uMashaba emzonda, uzamile ukubuyisana naye kodwa leyo mizamo ayizange iphumelele.

“Angikaze ngilwe noMashaba, izinkinga ziqale ngesikhathi ngikhethwa njengoSihlalo we-DA,” kusho uZille.

“Waze wangibiza ngomuntu ocwasa ngokwebala okwakuhlambalaza isithunzi sami.”

Uthe uthukuthele ngoba akakhumbuli elwa noMashaba.

Uthe uzamile ukubuyisana noMashaba emcimbini kaRupert.

“Ngenkathi ngifika emcimbini ngibone uMashaba enomkakhe uConnie ngaqonda etafuleni labo nomngani wami ngiyombingelela. Ngizamile ukumxhawula, kodwa wala wangibheka kabi phambi komngani wami nomkakhe. Namanje angazi ukuthi kungani engizonda kangaka,” kusho uZille.

Eziphendulela kuZille, uMashaba unqabile ukucacisa ukuthi kungani engezwani noZille wathi akadingi ukuba umngani wakhe.

“Angifuni ukuba umngani noZille ukuze siqhubeke nokuseka abaqokelwe i-DA. Sikwipolitiki lapha futhi umsebenzi wethu ukuhlenga izwe ku-ANC. Nginesiqiniseko sokuthi uZille akafuni ukuba yingxenye yeqembu. Unabangani abaningi nami ngokunjalo. Nginabangani abaningi engikhathazeka ngabo,” kusho uMashaba.

Izihloko zakamuva