Everson Luhanga
Umholi we-ActionSA uHerman Mashaba akazange awafihle amazwi akhe njengoba egxeke ukwephulwa komthetho kwamalungu ezinhlangano ezimelene nabantu abaphuma emazweni angaphandle kuleli i-Operation Dudula kanye ne-Alexandra Dudula Movement.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa ngoLwesithathu, uMashaba usole i-ANC ngezingxabano kuleli sonto e-Alexandra phakathi kwamalungu eDudula Movement nabahwebi abaqhamuka emazweni angaphandle.
Uphinde wathi iqembu elibusayo yilo okumele ligxekwe kwizingxabano zakwezinye izindawo ezifanayo nalezi, kanye nabaqaphi abagxekayo abazama ukuxosha abantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi ezibagunyaza ngokusemthethweni ukuba kulelizwe.
“Ngifuna ukuxwayisa abantu baseNingizimu Afrika ngokuzithathela umthetho ngezandla,” kusho uMashaba.
“Siphatheka kabi ngokufika kwabantu kuleli ngokungemthetho kodwa akumele sikhohlwe ukuthi ukuhluleka kulele kwi-African National Congress (ANC).
“Ilapho okufanele siqondise khona intukuthelo yethu!”
Isitatimende esifanayo sibhalwe ku-Twitter wakhe ngoLwesithathu, enxusa amalungu eDudula ukuthi ayeke ukuzithathela umthetho ngezandla.
UMashaba uthe eNingizimu Afrika siphila ngentando yeningi abantu kumele bahlangane baqonde ebhokisini lokuvota ukuze kukhishwe uhulumeni ohlulekile.
“Angikwazi ukuhlala emphakathini lapho kungekho khona umthetho.”
UMashaba uphinde wagxeka izenzo zenhlangano i-Alexandra Dudula Movement ezingeke zifaniswe njengokuqapha lelizwe ngoba kade bebhekise kubadayisi bangaphandle, kungakhathaleki ukuthi baseNingizimu Afrika ngokusemthethweni yini.
Bethungela ngomlilo izitolo zabantu bangaphandle kanye nokushaya abadayisi bakwamanye amazwe, amalungu afune ukuthi abadayisi base-Pan Africa Mall babakhombise omazisi babo ukuze babone ubuzwe babo.
“Kungumsebenzi weziphathimandla, amaphoyisa kanye noMnyango wezaseKhaya ukuhlola omazisi.
Akukho emthethweni ukuthi isakhamuzi sicele amaphepha kunoma imuphi umuntu,” kusho uMashaba.
Owake waba imeya yaseGoli wengeze ngokuthi kumele baqaphe ukuthi abantu bakwamanye amazwe bangena kumngcele waseNingizimu Afrika nezincwadi ezifanele.
“Labo abatholakala bengenazo izincwadi ezifanele kufanele babuyiselwe emazweni akubo. Angixolisi ngalokho,” kusho owake waba imeya.
Okhethweni lohulumeni basekhaya obelungoLwezi ngonyaka odlule, i-ActionSA yakhankasa kakhulu iphikisana nabangena kuleli ngokungemthetho kanti uMashaba uke wabhekana nezinsolo zokucwasa abokufika, azichithile.