UMashaba ufuna kubuyiswe isigwebo sentambo

Marion Edmunds

UMengameli we-ActionSA uHerman Mashaba uthi uzonxenxa ukuthi kubuye isigwebo sentambo kubabulali, abadlwenguli nabashushumbisi bezidakamizwa uma iqembu lakhe lezepolitiki lithola amandla okhethweni lukazwelonke lwango-2024.

UMashaba ubekhuluma ne-Cape Town Press Club ngoLwesithathu njengoba eseqale umkhankaso wokhetho lukazwelonke lapho iqembu lakhe elisafufusa lihlela khona ukubanga izihlalo kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye zaseNingizimu Afrika.

Ngemuva kokuvuma ukuthi imibono yakhe ngesigwebo sentambo ingeyomuntu siqu, nokuthi ayihambisani noMthethosisekelo, unqabile ukuxolisa “kunoma ngubani, noma nini emhlabeni” ngokusho lokhu.

“Ngicela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babuyise isigwebo sentambo kula macala amathathu.

“Izigameko zokubulawa kwabantu, esokuthi umuntu aqashe noma ahlele ngamabomu ukuthi ahambe ayobulala omunye umuntu, ngeke nginanaze ukumsusa endleleni umuntu onjalo,” kusho lowo obeyimeya yaseGoli.

“Kunoma ngubani odlwengula abesifazane bethu, namadodakazi ethu, ngeke ngimnike ithuba lesibili lokudlwengula omunye, njengoba kwenzeka ezweni lakithi. Udlwengula kanye, siyakuthola. Bese kuthi ngaphansi kwe-ActionSA, uma ngithola ithuba ngichibiyele uMthethosisekelo, ngeke uphinde ulithole ithuba lokudlwengula.”

UMashaba akazwani nabadayisi bezidakamizwa, ubona kufanele ukuthi bathole isigwebo esifanayo.

“Babhidliza imindeni, ngakho-ke uma kungaya ngami, ngizonxenxa iPhalamende ukuthi licubungule kahle lolu daba olubalulekile,” esho.

I-Action SA ayikakabi neminyaka emibili ikhona, yasungulwa ngemuva kokuthi uMashaba esule kwi-Democratic Alliance abeyimele njengemeya yaseGoli iminyaka emithathu.

Okhethweni lohulumeni basekhaya lwangonyaka odlule, i-ActionSA yawina izihlalo ezingu-90 ezweni lonke, yaphuma endaweni yesishiyagalombili ngo-2% wamavoti endaweni.

Scrolla World Cup Quiz