Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uJenene Fannie Masemola, usexolise esidlangalaleni ngamaphutha enziwa amaphoyisa mayelana namacala okudlwengula kwabesifazane e-Krugersdorp.
Amaphoyisa adalule ukuthi obani abesifazane abayisishiyagalombili abadlwengulwa amahora ayishumi e-Krugersdorp ngoNhlangulana nyakenye.
I-Scrolla.Africa yabika udaba lokuhlaselwa kweqembu elalishutha ividiyo yomculo endaweni okulahlwa kuyo okuyimayini engasasetshenziswa.
Laba besifazane bahlaselwa badlwengulwa ngabesilisa abalinganiselwa ku-20 ababegqoke ama-balaclava begqoke nezingubo zokulala.
Umbuso ubophe abavukuzi abangaphezu kuka-200 abangekho emthethweni ababizwa ngozamazama, kodwa icala lashabalala ngesikhathi kungekho noyedwa kubasolwa owayengamataniswa naleli cala.
I-Protection of Personal Information Act (Popia) Regulator iphenye amaphoyisa ngokwephula umthetho ngokusabalalisa ulwazi olubalulekile kanye nolunye ulwazi mayelana nezisulu.
USihlalo we-Regulator, uPansy Tlakula uyalele i-SAPS ukuthi ixolise kungakapheli izinsuku ezingu-31 kulabo besifazane okwaphuma imininingwane yabo.
UMasemola uthe emzamweni wabo wokuzama ukwakha kabusha leli cala, i-SAPS yenza iphutha elikhulu lokwabelana ngemininingwane yezisulu.
Yize abahlaseli nabasolwa ngokuba ngabadlwenguli babehlome beyizingovolo, kodwa abazibulalanga izisulu zabo ikakhulukazi ngoba bezitshela ukuthi ngeke bakwazi ukuzikhomba emaphoyiseni.
Ukuveza obala izisulu, okuhlanganisa amagama, izibongo, ubudala namakheli kubeka izisulu engcupheni enkulu.
Kuphinde kubeke engcupheni umsebenzi wabo wobungcweti njengabenzi bamafilimu abaphinde basebenze emkhakheni wezokuzijabulisa.
Izisulu zonke ebezibekwe ezindlini eziphephile ze-SAPS sezibuyile ngenxa yokungaphathwa kahle kanye nokuntuleka kokudla okubuhlungu zibuyela emindenini yazo lapho amakheli abo aseshicilelwe ngabakwa-SAPS ezinkundleni ezihlukahlukene ku-WhatsApp.
UMasemola usedlulise ukuxolisa emphakathini wezisulu wabe eseyalela ukuthi kube nophenyo lwangaphakathi loMnyango mayelana nalolu daba.
“Uphenyo lwenziwe lwaphothulwa,” kusho okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe esitatimendeni.
“Umbiko wokugcina uthole ukuthi ngempela imininingwane yabantu abahlukumezekile ikhishwe ngendlela engafanele, kodwa akutholakalanga inhloso embi. Kodwa-ke, lokhu akukuthetheleli ukwabiwa kolwazi olubucayi.”
UMathe uthe imininingwane okwabelwana ngayo ezinkundleni zokuxhumana ze-WhatsApp zakwa-SAPS “inhloso kwakuwukuhlanganisa bonke ubufakazi kanye nezinsiza emzamweni wokubamba labo abenza lobu bugebengu obunyantisayo”.
Osesithombeni esingenhla: UKhomishana Wamaphoyisa Kazwelonke uFannie Masemola