Dylan Bettencourt
UMary Cain, obenezifiso zokuba ngomunye wabasubathi besifazane abahamba phambili kunabo bonke, kusolakala ukuthi wahlukunyezwa esikhungweni sokuqeqesha se-Nike ngumqeqeshi u-Alberto Salazar.
Lo msubathi uthathe isinqumo sokumangalela amaqembu womabili imali eyizigidi ezingama-R300.
“Ngijoyine i-Nike ngoba ngangifuna ukuba ngumsubathi wesifazane ohamba phambili. Esikhundleni salokho, ngihlukunyezwe ngokwemizwa nangokomzimba uhlelo olwakhiwe ngu-Alberto futhi lwasekelwa yi-Nike,” kusho lo msubathi oneminyaka engama-25 etshela i-New York Times.
UCain, owahlungela i-World Championship yowezi-2013 eneminyaka eyi-17, wayenabaningi ababekholelwa ekutheni uzoba ngusaziwayo kodwa iminyaka okusolwa ukuthi wayehlukunyezwa ngayo ngokwemizwa nangokomzimba yamholela ekuzilimazeni futhi waba nemicabango yokuzibulala.
UCain, nowake waba ngumsubathi wamabanga aphakathi, waqala ukuqeqeshwa e-Nike Oregon Project eneminyaka eyi-16, lapho ayeqeqeshwa khona nguSalazar, osamiswe okwesikhashana ngamacala abandakanya izidakamizwa kwezemidlalo.
Kuleli cala, uCain uveza ukuthi owayengumqeqeshi wakhe wamenza ukuthi agibele esikalini phambi kwabanye abasubathi futhi wagxeka isisindo sakhe, kanye nokulawula ukuthi yikuphi ukudla akudlayo, okwamphoqa ukuthi agcine esentshontsha ukudla kwabanye ozakwabo.
“USalazar wamtshela ukuthi ukhuluphele kakhulu nokuthi amabele akhe nezinqa zakhe kukhulu kakhulu,” kusho iphepha lecala.
UKristen West McCall, ummeli omele uCain, uthe abakwa-Nike abenzanga lutho ukuvimbela noma ukumisa ukuhlukunyezwa, esola ukuthi iNike ivumele umqeqeshi ukuthi ahlukumeze abesifazane ngesisindo sabo kanjalo nokungayinaki impilo yabo.
“Bakwenzele ukuzithokozisa nokuzuza bona,” kusho ummeli.
USteve Magness, owayengumsizi kaSalazar, uthe wayekubona lokhu kubaphathi yize lo mqeqeshi ekuphikile lokho.
UMagness uthe uSalazar wamphoqa ukuthi enze abasubathi besifazane banciphise isisindo yize amanoni abo omzimba ayesevele elungile ngokwedatha yakhe.
“Ngenkathi ngikhombisa idatha yamafutha omzimba wakhe ayesevele ephansi, ngatshelwa ukuthi: “Angikhathali ukuthi isayensi ithini ngiyakwazi engikubona ngamehlo ami. Isinqe sakhe sikhulu kakhulu,” esho.
USalazar uqeqeshe abasubathi abambalwa abasezingeni eliphezulu ngesikhathi sakhe somsebenzi, kubandakanya nompetha wama-Olimpiki wamahlandla amane uSir Mo Farah.
Umthombo wesithombe: @ People