
Dylan Bettencourt
Ngemuva kokuthi kube nezinsolo zokucwasa eziphakanyiswe ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwamacala e-Social Justice and Nation-Building (i-SJN) ngokumelene nababengabadlali bama-Proteas, ongumqeqeshi wamanje uMark Boucher, ubekwe icala yi-Cricket South Africa (i-CSA).
UBoucher ubekwe icala yi-CSA ngosuku olwandulela uchungechunge lwe-One Day International ne-India ngoLwesibili.
I-SJN ithe isola ukuthi uBoucher wayebandakanyeka ekucwaseni nasekusebenziseni inhlamba yobuhlanga kumdlali wama-Proteas uPaul Adams. Lezi zinsolo zize ngesikhathi u-Adams elalelisa i-SJN ingoma eyayibiza yena ngokuthi-“uyi-brown sh*t in the ring.”
I-CSA ayikakawavezi obala amacala aqondene noBoucher noma ukuthi ukulalelwa kokulungiswa izigwegwe kuzokwenzeka nini kanye nesitatimende esisemthethweni esilindelwe ezinsukwini ezizayo.
Imibiko iveza ukuthi uGraeme Smith, onguMqondisi Wekhilikithi kwi-CSA, angabekwa icala ngokubandakanyeka kwakhe. Lolo daba lube nzima ngenxa yokuthi uSmith usebenza njengosonkontileka ozimele we-CSA.
Abammeli abambalwa abamele izisulu ezahlukene kanye nabaphendulile esigcawini se-SJN bathi umbiko ubunamaphutha.
U-Ombudsman Dumisa Ntsebeza uvumile ukuthi akutholile embikweni bekungokwesikhashana.
Isikhundla sikaBoucher oneminyaka engu-45, njengomqeqeshi weqembu lesizwe besilokhu sibhekwe ngabomvu kusukela asolwa ngokucwasa ngokwebala, njengoba amacala ekhombisa ukuthi lowo owayengumdlali wama-Proteas uzoxoshwa esikhundleni sakhe.
Ama-Proteas ahamba phambili uma kubhekwa imidlalo yasenkundleni. Ukuwina kwabo okumangalisayo ngo 2-1 bedlala ne-India emqhudelwaneni kulandelwe ukunqoba ngama-runs angu-31 emqhudelwaneni wokuqala kwemithathu ye-ODI phakathi kwala maqembu womabili.
Umthombo wesithombe: @TimesOfIndia