UMantashe uphethe izintambo kwelikaRamaphosa 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki


UJenene wezimpi wase-Chins uSun Tzu utuswa ngesaga esithi “ayihlekisane ihlomelene.”

Isinyathelo sakamuva sikaMengameli uCyril Ramaphosa sokuqoka iPhini likaMengameli we-ANC, uPaul Mashatile kanye noNkosazana Dlamini-Zuma kwikhabhinethi yakhe sisho ukuthi ufunde incwadi yamasu akudala yezimpi kaSun ethi-The Art of War.

Azi kahle kamhlophe ukuthi uMashatile uzimisele ngokumsusa esikhundleni, uRamaphosa akazange azinake izeluleko zamadlelandawonye abemeluleka ngokuthi angaqoki umuntu ophikisana naye njengephini lakhe – okungenani ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2024.

Uyabona-ke, uRamaphosa wawina engqungqutheleni kazwelonke yesi-55 ye-ANC ngenxa yemizamo yabanye hhayi ngaye noma udumo lwakhe.

Umuntu oseqophelweni eliphezulu kuleli qembu ozoqhuba ihlandla lakhe lesibili uGwede Mantashe ophinde waqokwa njengoSihlalo kazwelonke.

UMqwathi okuyigama adume ngalo uhola ithimba elakhiwe uNobhala we-ANC uFikile Mbalula, uNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane, uNdunankulu wase-Northern Cape uZamani Saul, uSihlalo waseMpumalanga uMandla Ndlovu kanye noNdunankulu osanda kukhethwa wase-Free State uMxolisi Dukwana.

Leli thimba liphinde lakhiwe amalungu eHhovisi likaMengameli aqinisekisa uRamaphosa ukuthi angasuki esikhundleni ngenxa yecala lokugetshengwa kwepulazi i-Phala Phala.

Bameseka ngempumelelo 

engqungqutheleni eyayinombango omkhulu baze bamfaka kwihlandla lakhe lesibili ehhovisi.

Njengoba kuqala lelo hlandla lesibili kuyacaca ukuthi uMantashe nguyena olawula ithimba likaRamaphosa.

Iqhaza lakhe ekulawuleni izinxushunxushu ze-ANC kanye nasekuqinisekiseni ukuthi inkinga yamandla kazwelonke ekhona manje iyaxazululeka ngaphambi kokhetho lwangonyaka ozayo ikhomba ukuthi unamandla phezu kukaRamaphosa.

UMantashe ubeke izinto eziningi engcupheni enkulu ngesikhathi ebhekana ngqo nezitha zikaRamaphosa futhi uMengameli uyamkweleta.

Ukuvikela amalahle njengomthombo omkhulu wamandla kuleli kwenze uNgqongqoshe onamandla wezokuiMbiwa phansi naMandla wathandeka kubasebenzi basezimayini kanye nekwisigungu sikazwelonke se-ANC.

Eminyakeni emihlanu ezayo uMantashe uzokwengamela ukwakhiwa kabusha kwe-Eskom okungaphezu kuka-R400 billion kanye nezisombululo ezibanzi zenkinga yezwe kagesi.

Uhlangothi lukaMashatile lusale lwaqoqa izinsalela zeqembu elingaphakathi kwi-ANC elibizwa nge-Radical Economic Transformation likaMnu Jacob Zuma.

UMashatile uthathwa njengosebenzisa amandla awumlingo ezifundazweni ezintathu; e-North West, KwaZulu-Natal kanye nase-Limpopo.

Akukho okunye okuningi.

Uma ephumelela, uMantashe angase aphonsele uMashatile inselelo esikhundleni — futhi angawina.

Izihloko zakamuva