Lubhalwe nguZukile Majova
Njengoba elakuleli libhekene nengwadla yokucishwa kukagesi kwesigaba sesithupha ngoMsombuluko, impi yokulawula inkampani ephehla ugesi kuleli u-Eskom ebiza u-R460 billion isiqalile.
Emhlanganweni okhethekile wesigungu esiphezulu se-ANC eLuthuli House, uMengameli Cyril Ramaphosa ukuqinisekisile ukuthi u-Eskom uyasuka eMnyangweni wamaBhizinisi kaHulumeni uya eMnyangweni wezokuMbiwa Namandla.
Lo umsebenzi onzima ozonikezwa uNgqongqoshe uGwede Mantashe ongumkhombandlela we-ANC kwezamandla.
Kubukeka sengathi uMantashe angeke azibambele izintambo ku-Eskom njengoba uRamaphosa ethi uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uPravin Gordhan uzohlala emele abanikazi bamasheya.
Lokhu bekuwukuphikisana ngokuphelele nesinqumo se-ANC sokuyisa u-Eskom eMnyangweni wezokuMbiwa Namandla.
NjengoSihlalo kazwelonke weqembu elibusayo ophinde waqokwa esikhundleni, uMantashe ungungqongqoshe waziwa njengomuntu ofuna into eqondile nongeke avumele izwe ukuthi lifuduke ngokweqiniso ekuthembeleni kakhulu ezimbonini zikagesi eziphehlwa ngamalahle.
Yize kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe kagesi osazoqokwa abhekane nesixazululo sokucinywa kukagesi, i-ANC iyamethemba uMantashe ukuthi uzoqhamuka nezixazululo ekucishweni kukagesi.
UNobhala-Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula uthe u-Eskom uzothutha kwezamandla kanti izinhlaka ezinjengo-Transnet zizongena eMnyangweni wezokuThutha.
“I-NEC iyamethemba uMengameli ngalolu daba lokuthi uNgqongqoshe uzogxila kakhulu ekucinyweni kukagesi,” kusho uMbalula.
“Akukho okunye okwengeziwe azokwenza.”
I-ANC ayizithembi izinhlelo zikaRamaphosa noGordhan zokuphatha u-Eskom noma zokuqhuba u-$8.5 billion (R155 billion) we-Just Transition usuka emalahleni uya emithonjeni yamandla avuselelekayo.
U-Eskom usazophinde anikwe amandla njengoba uNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana kulindeleke ukuthi amemezele ukuthi uMgcinimafa kazwelonke uzothatha okungenani izingxenye ezimbili kwezintathu zesikweletu sika-Eskom sika-R400 billion.
Lokhu kuzokhulula imali engaphezulu kuka-R300 billion wezimali eziphuthumayo ukuze le nkampani ithenge ngokushesha futhi kuqedwe ukucinywa kukagesi.
UGodongwana wethula Inkulumo Yesabelomali ephalamende ngoLwesithathu kanti kulindeleke ukuthi amemezele izimali eziphuthumayo zokubhekana nenkinga kagesi ezweni. Kulindeleke ukuthi akhulume nangeSimo Senhlekelele Sikazwelonke esibangelwe izikhukhula zakamuva e-Limpopo, eMpumalanga, e-Gauteng, KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape.
Osesithombeni esingenhla: UNgqongqoshe uGwede Mantashe
Umthombo wesithombe: @GwedeMantashe1