UMangane uqhamuka ngomculo we-Afro House

Linda Ximba

Umvalelo ungajika ube yisibusiso esifihlekile kuFana Dlamini we-Ladysmith Black Mambazo.

UFana, noma uMangane igama adume ngalo, uthe ngeke ashiye iqembu.

Uthe ngesikhathi i-Black Mambazo iphoqeleka ukuthi ihoxise ukuhambela kwabo emazweni omhlaba bese ibuyela ekhaya ngenxa ye-Covid-19, waphinde waluthola uthando lwakhe ngomculo we-Afro House.

“Ngikhule nge-Afro Soul. Kodwa lo mculo ngiwufake nezingoma ze-house ngoba ngifuna umculo wami uhambisane nentsha,” kusho uMangane.

Uthe uzokhipha izingoma zakhe ezithi Oskhotheni, Imali kanye nethi Angiyindawo ngenyanga ezayo.

“Nginesitudiyo sami ekhaya futhi ngisebenze nabaculi abasafufusa abanginikeze izinsimbi. Nginesiqiniseko sokuthi abathandi bomculo bazowuthakasela umculo wami ngoba ngizikhandla kakhulu. Imiyalezo esezingomeni inencazelo,” kusho uMangane.

Uthe unezibusiso ezivela ku-Black Mambazo efuna avule amaphiko akhe. Ukuba yingxenye yabanqobe ama-Grammy amahlandla ayisihlanu kuyisibusiso kulo mculi owazalelwa e-Port Shepstone ocula kakhulu eqenjini.

“Ngitholwe nguThami Shabalala, enye yamadodana kaBaba uJoseph Shabalala owayehlanganisa iqembu. Ungibophele eqenjini ngoba ezwa ukuthi ngingeza nokuthile. Ngifunde lukhulu eqenjini ngokuhamba lonke elaseYurophu,” esho.

Umthombo wesithombe: Facebook 

Izihloko zakamuva