Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umanapha inhlamba owayegada owayenguMengameli uJacob Zuma ejele ngenxa yokusolwa ngokubukela phansi amakhosi emcimbini woMkhonto weSizwe Party obuseMoses Mabhida, eThekwini ngeSonto.
UNksz Nombuso Mkhize usolwa ngokuthi uphendule amakhosi izinto ezingelutho ewavimba ukuba angene emcimbini nalapho obekuhleli khona uZuma nokuphoqe ukuba amanye agcine eseduba khona umcimbi kanye nesidlo sakusihlwa sangoMsombuluko saleli qembu.
Inhlangano yeNdabuko okuyiNjenje yabeNguni idinwe yaveva yacela ukuba uZuma alusukumele lolu daba ngoba amakhosi aweneme neze futhi kuzolimala negama loMkhonto weSizwe Party nenhloso ngqangi yalo ekubuyiseni isithunzi samakhosi kwipolitiki yakuleli.
Ngokwesitatimende esisabalele seNjeje yabeNguni siveza ukuthi uNksz Mkhize usesulile emsebenzini waqokelwa ukuba iphini likaNobhala Jikelele weqembu, ubala ukhasha ethi akukho Nkosi enelungelo lokungena lapho obekunobuholi beMKP eMoses Mabhida ngeSonto.
UNksz Mkhize waduma ngokuphatha ngendlela enobuntu ejele laseMtshezi uZuma ngesikhathi ayeboshiwe ngo-2021.
UMnuz Phumlani Mfeka weNjeje obehola amakhosi ezizwe uthe abafuni ngisho ukukhuluma naye uNksz Mkhize kodwa badinga uZuma alungise indaba yakhe.
“Asifuni nokuhlangana naye. Amakhosi amaningi adubile ahamba. Ngisho abelaphi beNdabuko baphendulwe izicelankobe kulowa mbuthano engafuni nokubanika izigqebhezana zokungena ngaphakathi. Kunalokho ubefaka abangani bakhe futhi ubephathisa amakhosi njengeziboshwa. Ukhohliwe ukuthi amakhosi awazona iziboshwa,” kusho uMfeka.
Uthe sekuyisikhathi sokuba uZuma abhekisise abantu abafaka ezikhundleni eziphezulu ngoba igama leMKP lilimele kakhulu ngokwenzekile.
UNksz Mkhize ubuye asolwe nangokuvimba abaholi bophiko lwentsha laleli qembu.
Bagcine nabo bekhipha isitatimende bethi bafuna incazelo nokuthi kungani ebabukela phansi.
INjeje ithe amakhosi ikakhulukazi abesuka e-North West aphume enxapha ubala ngoba bekungafuneki nokuba ayodla ngenxa kaNksz Mkhize.
I-Scrolla.Africa sizamile ukuthinta uNksz Mkhize kodwa akatholakalanga ukuba aziphendulele.
