UMampintsha ushone esezoshada umshado omhlophe 

Lubhalwe nguLinda Ximba

UMampintsha ushone ngaphambi kokuthi afeze  iphupho lakhe lomshado omhlophe noBabes Wodumo kanye nokulungisa ubudlelwano nomndeni wakhe, ngokusho kukadadewabo uPinkie Gumede.

Ilungu le-Big Nuz elingasekho ogama lalo langempela nguMandla Maphumulo lishone ngenyanga edlule ngemuva kokuhlaselwa isifo sohlangothi.

Ushadelwe nesihlabani somculo we-Gqom uBabes Wodumo emshadweni wesintu ngoMbasa nyakenye.

Ngokusho kukadadewabo kaMampintsha kwabanesiphithiphithi nokudideka ngalowo mshado njengoba umndeni wakhe ungaziswanga ngendlela efanele nokuthi kuboniswane ngawo.

“Ulwazi esaluthola kwaba ukuthi bekuwuhlelo lwe-Showmax obelufuna ukukhombisa uthando lukaMampintsha noBabes Wodumo. Sashaqeka ngesikhathi sithola ukuthi empeleni babeshada ngokwesintu. Lokho kwasizwisa ubuhlungu siwumndeni ikakhulukazi umama wethu osesibhedlela njengoba sikhuluma nje,” kusho uPinkie.

Uthe ngaphambi kokuthi umfowabo owayedumile ashone, wabavakashela eMlazi eThekwini wabatshela ngezinhlelo zakhe zokushada umshado omhlophe.

“UMampintsha wasithusa futhi wasimangaza ngesikhathi esitshela lezi zindaba. Sasijabule njengoba saphatheka kabi ngemuva kokuthi singanakwa nokuthi singafakwa ohlelweni lwabo lakumabonakude,” esho.

“Umama wakhala izinyembezi zenjabulo ngesikhathi ezwa lezi zindaba ngoba wayephatheke kabi ngemuva kokungamenywa ngezikhathi zenjabulo zendodana yakhe. Njengamanje umama uhlukumezekile ngemuva kokushona kukaMampintsha. Unkosikazi kaMampintsha, uBabes Wodumo owaziwa   ngoBongekile Simelane akatholakalanga ukuba aphawule kodwa udadewabo uNondumiso Simelane ongumphathi webhizinisi lakhe uphendule i-Scrolla.Africa.

“Akuyona indaba yenu ukuthi bekuzoba nomshado omhlophe yini noma cha. Kungani ningakwazi ukuyeka uBabes azile ngokuthula?” esho.

Esithombeni esingenhla: UMampintsha noBabes Wodumo

Umthombo wesithombe: @City_Press

Izihloko zakamuva