UMaMkhize uzulelwa amanqe njengoba abakwaSARS bemhleli ezithendeni

Lubhalwe nguPhilani Mzila

  • Izikhulu zakwa-SARS namaphoyisa batheleke emzini kanokusho kaMaMkhize oseLa Lucia ngesikhathi yena ehambile eseGoli.
  • Lokhu kugasela kuza ngemuva kwezinsuku kuphothulwe isehlukaniso sikaMaMkhize noSbu Mpisane.

Ngemuva kwesonto nje esabalale ezinkundleni zokuxhumana ebonakala ephuza iwayini elibizayo ebungaza ukuphothulwa kwesehlukaniso sakhe somshado, impunyela yezokwakha yase-KZN  sibhekene nezinkinga ezintsha.

Imicimbi yakhe yesonto lonke yokugubha isehlukaniso somshado ngoLwesibili ifike esiphethweni ngesikhathi abakwa-SARS  begasela isithabathabeni somuzi wakhe ongasolwandle e-La Lucia, enyakatho yeTheku.

Impilo esezingeni eliphezulu ingase ibe yinto yesikhathi esidlule kusomabhizinisi ogqamile uShauwn “MaMkhize” Mkhize.

Abakwa-SARS namaphoyisa bagasele emzini kaMaMkhize e-La Lucia, befuna impahla yokukhokhela isikweletu sakhe sentela sika-R13 million.

Lokhu kugasela kuza ngemuva kwezinyanga ebhekane nophenyo lwakwa-SARS oluqale ngoNhlaba, kwathi ezinsukwini ezinhlanu ngemuva kwesehlukaniso sakhe noSbu Mpisane kwaba umnqamulajuqu.

Kodwa akayedwa uMaMkhize emgqeni wabazulelwa amanqe ngokuba emabhukwini amabi kwa-SARS. Isikhwama somndeni wakhe, i-Shandi Trust, sikweleta enye intela ka-R37-million. Abaholi balesi sikhwama kubalwa unkosikazi kamzala wakhe uSiphokazi Zuma nomfowabo uMelusi Siphesihle Hugh Mkhize.

Abantu abambalwa abasondelene nomphathi we-Royal AM Football Club nabo babizwe i-SARS. Kulaba kubalwa umngani wakhe uShaun Stylist (igama langempela u-Andile Naki), ongumnikazi we-Lungza Management Consultants CC, nomshana wakhe uSenzekile Mseleku, ophethe i-DPA Project Managers and Facilitators.

Okhulumela abakwa-SARS, uMnuz Siphithi Sibeko, uthe bathole imvume yenkantolo yokusesha isithabathaba somuzi bagcine noma iyiphi impahla abayitholile.

“Lesi sinqumo siyigxathu elibalulekile enhlosweni yesu lakwa-SARS ukwenza kube nzima futhi kubize kakhulu kubakhokhi bentela abenza izenzo zobugebengu ngamabomu. Kule minyaka embalwa edlule, abakwa-SARS bebephenya ngokukhulu ukuzimisela kanye nokugadla embonini yezokwakha ukuze ikwazi ukuhambisana nemithetho yentela,” usho kanje.

Umphathi wakwa-SARS u-Edward Kieswetter ubonge usizo lwamaphoyisa noKlebe.

“I-SARS ngeke iphele mandla ekwenzeni umsebenzi wayo ngaphandle kokwesaba, ukuchema, noma ukucwasa, kungakhathalekile ukuthi yimuphi umuntu emphakathini. Akekho ongaphezu komthetho,” esho.

Uqhube wathi imali yentela isiza abampofu, abadala nezingane. “Noma yikuphi ukwephulwa komthetho ngamabomu kuzojeziswa,” usho kanje.

UMaMkhize ubengekho ekhaya ngesikhathi kugaselwa. Imithombo ithe useGoli.

Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Ntshiunda, akazange aphawule, wathi yonke imibuzo kufanele iye kwa-SARS.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa agasele emzini kaMaMkhize e-La Lucia.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva