Lubhalwe nguRorisang Modiba
Usaziwayo nongusomabhizinisi uShauwn “MaMkhize” Mkhize ubhekene nokuhlaselwa ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokusolwa ngemizamo yokusoconga ummeli omkhulu weSouth African Revenue Service (Sars) u-Advocate Coreth Naudé.
UCoreth ubutshulwe amahlandla amathathu ngemuva kokuphuma ophenyweni lwentela olubandakanya uShauwn Mkhize ngomhlaka-18 kuNtulikazi.
Usegumbini labagula kakhulu, kanti ukuhlaselwa ngasenxanxatheleni yezitolo eGateway kuyaphenywa. Omdubulile usagcwele amathafa.
UKhomishana wakwaSars u-Edward Kieswetter ukugxeke kakhulu ukuzama ukubulala.
UMaMkhize kuke kwakhulunywa ngaye kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, abaningi bemkhomba njengomsolwa kulokhu kudutshulwa kukaNaude.
Omunye ku-X ubhale ukuthi uShauwn Mkhize wasizwa iTheku ne-ANC KwaZulu-Natal iminyaka eminingi.
“Ummeli osebenzisana nabakwaSars ukuqoqa intela engakhokhiwe kuyena uselwela impilo yakhe ngemuva kwemizamo yokumsoconga. Kumele sicabangisise kahle,” kusho omunye.
Omunye uthe: “Imizamo yokusoconga ummeli iza ngemuva kwezinsuku ezingu-488 zokubulawa kukaCloete Murray nendodana yakhe uThomas. UMurray Snr noNaudé basebenze ndawonye iminyaka odabeni olufanayo oluthinta uShauwn Mkhize.”
Ngasekupheleni kukaNdasa uMaMkhize ubezolahlekelwa yiqoqo lezimoto zikanokusho ngoba kuthiwa ukweleta abakwaSars u-R37 million.
AbakwaSars bafake isicelo senkantolo ukuze bashaqe izimoto zikanokusho ezingu-13, okubalwa kuzo iRolls-Royce iCullinan, iPorsche Urus, iMercedes-Maybach, namaBMW amaningana.
Lezi zimoto bezigcinwe kwifa likamfowabo nabashana bakhe ababili.
Osesithombeni esingenhla: UShauwn “MaMkhize” Mkhize
Umthombo: Instagram