Elmon Tshikhudo
Umlimi uLucas Mamali wase-Tshilungoma ngase-Thohoyandou, e-Limpopo ubesebenza emhlabeni okungowakhe kule minyaka engama-36 edlule. Manje ubhekene nengwadla yokulahlekelwa amahektha ayi-15 omhlaba ngemuva kokuba umholi wendabuko wendawo, iNkosi uSamson Mphego emxoshile.
Ipulazi lakhe eliseduzane nedamu i-Nandoni kusolwa ukuthi lidayiselwe usomabhizinisi ukuze athole indawo yokuzilibazisa.
Izigidi zabantu baseNingizimu Afrika banamakhaya okuhlala emhlabeni olawulwa abaholi bendabuko noma omasipala bendawo.
Iningi labantu ezindaweni zasemakhaya linikezwa i-Permission To Occupy (PTO) esikhundleni samatayitela, okubashiya besenkingeni. Laba bantu banqatshelwa amabhondi nezimalimboleko ngamabhange ngoba bengenawo amatayitela.
Akekho umuntu owake wazisa uMamali ngalokhu kodwa ngaphandle kwetayitela, kuncane angakwenza ukulwa nakho.
“Ngathenga umhlaba ngowezi-1985 nge-R120 eMkhandlwini woMdabu wase-Mphaphuli futhi bengilokhu ngikhokha intela yonyaka enduneni,” kusho yena.
“Ngivele ngatshelwa ukuthi angiphume epulazini kodwa ngeke ngigudluke kalula kanjalo. Nginamaphepha okufakazela ubunikazi bami emkhandlwini wendabuko.”
Uthe utshale imali eningi epulazini futhi kungukuphela komthombo wakhe wokuthola imali.
Ummeli uMaano Sigwavhulimu uthe imvume yokuhlala iyincwadi evumelekile abaningi abayishaya indiva.
“UMamali unelungelo lokudla lo mhlaba futhi u-sherifu kuphela onencwadi yenkantolo engamxosha. INkosi ayikwazi nje ukukhipha umuntu ophethe i-PTO. Umthetho we-Protection of Illegal Evictions Act unezimfuneko ezinkulu nezinqubo ezimeni ezinjalo,” kusho uSigwavhulimu .
U-Erick Manyananya woMkhandlu Womdabu wase-Mphaphuli ukuqinisekisile ukuthi kunesikhalo esitholakele esivela kuMamali mayelana nepulazi lakhe. Uthe baphezu kwalo udaba futhi kuzotholakala isixazululo esifanele.