Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Sikhulu isililo ngokushona kwentokazi esencane ebisafundela ukushayela amabhanoyi.
UNksz Zama Biyela utholwe nozakwabo ababili sebeshonile ngemuva kokuba indiza yabo iduke eMnambithi okuyilapho okuthiwa bagcina ukuxhumana nabo abenkampani yale ndiza enophephela emhlane.
Umama kaNksz Biyela kuthiwa uzamile ukuxhumana nendodakazi yakhe kodwa wagcina engasayitholi ocingweni.
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma uthe babuzwile ubuhlungu ngokuhamba kukaNksz Biyela nozakwabo.
“Siyaxhuma nomndeni ngokusizwa uMnuz -Ayanda Msweli. Sithi lokhu okuvelile uthixo akababusise,” kusho uDuma.
Le ndiza enophephela emhlane kuthiwa isuke esikhumulweni sezindiza ezincane okuyi-Virginia nokuyilapho umama kaNksz Biyela ebelokhu emthinta kodwa kuthe ngemuva kwesikhathi kwaphela ukuxhumana.
UNksz Biyela ungomunye wabesifazane abamnyama ababezoqhakambisa ifulegi lase-JZN kwezokundiza.