Arthur Greene
Ngenkathi uHalima Cisse oneminyaka engama-25 evakashela odokotela bendawo ukuyokwenza ukuhlolwa okwejwayelekile, waphelelwa ngamagama ngenkathi bemtshela ukuthi ukhulelwe izingane eziyisikhombisa – ezaziwa ngokuthi zingama-septuplets.
Kodwa-ke, manje kubonakala sengathi empeleni babephuthelwe ezinye izingane ezimbili ngemuva kokuthi uHalima ebelethe izingane eziyisishiyagalolunye ezinempilo kulokho okucatshangwa ukuthi yirekhodi lomhlaba lezingane eziningi ezibelethwe ngesikhathi esisodwa ziphila zonke.
Izingane zikaHalima zibelethelwe esibhedlela sase-Morocco ngoLwesithathu, ngemuva kokuthi uhulumeni wase-Mali endizele umama wezingane eziyishumi ezweni laseNyakatho ne-Afrika ukuze athole ukunakekelwa okuyisipesheli.
Ngemuva kokuchitha amasonto amabili esibhedlela enhlokodolobha yase-Mali, i-Bamako, odokotela bakaHalima bakhathazekile ngenhlalakahle kamama nezingane zakhe ezingakazalwa, ngakho bamdlulisela esibhedlela sase-Morroccan ngomhla zingama-30 kuNdasa.
Ama-nonuplets – amantombazane amahlanu nabafana abane – bonke babelethwe ngokuphepha ngomthungo.
Umyeni kaHalima, u-Adjudant Kader Arby, utshele i-BBC, “Ngijabule kakhulu! Unkosikazi wami nezingane baphile kahle.”
U-Adjudant usele e-Mali nendodakazi endala yalezi zithandani, futhi uthi bebelokhu bexhumana njalo noHalima.
“Wonke umuntu ungishayele ucingo! Wonke umuntu ushaye ucingo! Iziphathimandla zase-Mali zingishayele ucingo zizwakalisa ukujabula kwazo. Ngiyababonga… Ngisho noMengameli ungishayele ucingo,” kusho ubaba wezingane ezilishumi.
Phambilini bekuwukuphela kwengane, indodakazi yabo manje inezelamani ezincane eziyisishiyagalolunye okufanele azibheke!
Isigameko sokuqala esaziwayo sokubelethwa kwezingane ezingama-nonuplets senzeka ngowezi-1971 e-Sydney, kodwa akekho noyodwa kulezo zingane eyasinda. Ezinye inzingane futhi ezingama-nonuplets zabelethwa e-Malaysia ngowezi-1999, kepha akukho neyodwa eyasinda ngaphezu kwamahora ambalwa.
Irekhodi langaphambilini lezingane eziningi ezibelethwe ngasikhathi esisodwa zaziyisishiyagalombili. Owesifazane wase-US ubelethe izingane ezingama-octuplets ngowezi-2009, eziqede iminyaka eyi-12 kulo nyaka.
Umthombo wesithombe: @hallaboutafrica