Umama wase-Klerksdorp ubelethe amawele amane

Doreen Mokgolo

Lezi zithandani bese zivele zinezingane ezimbili futhi bezingahlelile ukuthi zibe nezinye – kodwa imvelo ibinezinhloso ngabo.

UMadithebe Rahube oneminyaka engama-31 wase-Klerksdorp ubelethe amawele amane: amantombazane amathathu kanye nomfana esibhedlela sase-Klerksdorp mhla zi-12 kuNdasa.

UMadithebe uthe izingane zakhe, u-Omogolo, ongumfana, uReleneilwe, uKeone noLeatlegile bayisibusiso kodwa nakanjani bazomgcina ematasa.

“Kunzima ukulala ebusuku. Izingane zikhalela ukunakwa,” kusho yena.

UMadithebe uthe wayengafuni ukukholwa ukuthi ukhulelwe kodwa wabonana nodokotela ngoba wayengazizwa kahle.

“Udokotela wenza i-scan wangibongela nangokukhulelwa amawele,” kusho yena.

Ngesikhathi ehlolwa ngesonto elilandelayo ngodokotela bezifo zabesifazane, bathola ukuthi kukhona imibungu emithathu.

“Bengicabanga ukuthi udokotela wezifo zabesifazane uyadlala, kodwa ngemuva kwenyanga bathola omunye umbungu,” engeza.

Ngaleso sikhathi lo mama osevele enezingane ezimbili, uthe wethuswa umcabango wokuba ngumama wezingane eziyisithupha.

“Ezinyangeni ezinhlanu isisu sami sasibukeka sengathi sengikulungele ukubeletha futhi nganginenkinga yokuhamba,” kusho yena.

“Ngenhlanhla, ngokwesekwa ngumyeni wami nomndeni wami ngikwazile ukugcina ukukhulelwa kwaze kwaphela amasonto angama-30.”

Uthe ubazi ukuthi kungenzeka akhulelwe amawele njengoba ekhona amawele ezinhlangothini zombili zomndeni, kodwa ubengakaze acabange ukuthi angaba namawele amane.

Isithombe: @BoxingSA

Izihloko zakamuva