Umama wase-EC ufihle ukubulawa kwendodakazi iminyaka eyisikhombisa

Lubhalwe Ngu-Anita Dangazele

UMama wentombazane eyayineminyaka engu- 13, eminyakeni eyisikhombisa edlule. ufihle yonke le minyaka ukuthi ingane yakhe yadlwengulwa yase ibulawa.

Ngesikhathi umama kamgilwa etshelwa ngalesi sehlo esidabukisayo sokubulawa kwendodakazi yakhe, wevele wafela ngaphakathi, akangathi vu kumuntu ngaso.

NgoLwesibili, isihlobo esineminyaka engu-24 ubudala esadlwengulwa kanye nendodakazi yakhe ngo-2017 sinqume ukuya emaphoyiseni njengoba singasakwazi ukuhlala nale mfihlo.

Isihlobo sasineminyaka engu-17 kwenzeka lesi sigameko ngo-2017. Sithe sona kanye nesisulu esingaziwa kanye nomzala waso ongasekho owayeneminyaka engu-13 ubudala ngaleso sikhathi bahlaselwa ngamadoda amathathu.

“Laba balisa abathathu basidlwengula bephindelela, base besiyala ukuthi sigwaze umzala wami oneminyaka engu-13, kodwa sanqaba. Base bemgwaza enhliziyweni bephindelela bethi abantu abancane bathatha isikhathi eside ukuthi bafe. Sibukele ngesikhathi bembulala base bemjikijela emgodini,” usho kanje elandisa.

Uthe wakwazi ukubaleka waya kotshela unina wengane eneminyaka engu-13 ukuthi kwenzekeni, okuhlanganisa nendawo enamathambo endodakazi yakhe.

“Ukuchithile engangimtshela kona wathi indodakazi yakhe ihambe ngeloli iyofuna umsebenzi, ngase ngiyotshela umamncane uFlora ngale nto kodwa kuze kube imanje akwenziwa lutho,” kusho yena.

UThembinkosi Hlangana wePort Alfred Crime Fighters uthe isisulu esineminyaka engu-24 ubudala safika kubo base basiluleka ukuba sivule icala emaphoyiseni.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uWarrant Officer Majola Nkohli ukuqinisekisile ukuthi umgilwa oneminyaka engu-24 ubudala uvule icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa eNemato ePort Alfred.

“Ngesikhathi ebika, uqhube wathi abahlaseli baphinde bagwaza umzala wakhe owayeneminyaka engu-13 ubudala ngaleso sikhathi, base belahla isidumbu sakhe emseleni kamasipala,” kusho uNkohli.

Uthe kulandela umbiko wakhe amaphoyisa aqala umkhankaso wokuthola amathambo kamzala wakhe.
“Emuva kwesikhashana, kwatholakala indawo yobugebengu eduze nomfula iKowie ePort Alfred. Kusolakala ukuthi endaweni yesigameko, amaphoyisa akwazile ukuthola amathambo ambalwa, abe esebiza ongoti bezindawo zobugebengu,” engeza.

Uthe okwamanje amaphoyisa angakuqinisekisa ukuthi amathambo atholakele awomuntu.

“Kuleli cala, sibize ongoti bezobunhloli kuze kufike eWestern Cape ukuze basize ngobungoti obuthile,” usho kanje, engeza ngokuthi bekungakaboshwa muntu.

“Kodwa-ke, sinethemba lokuthi kukhona umuntu ozoziphendulela.”

NgeSonto izakhamuzi zaKwaJuda elokishini lase-Endlovini, ePort Alfred zibe nemashi enokuthula yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nokubulawa kwabesifazane.

Bahambise incwadi yezimfuno esiteshini samaphoyisa eNemato befuna kuphenywe ngokushesha.

Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi zaKwaJuda elokishini lase-Endlovini, ePort Alfred zishaye imashi yokuthula ekuzameni ukulwa nodlame olubhekiswe kubulili kanye nokubulawa kwabesifazane.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva