Everson Luhanga
Ngesikhathi amaphoyisa ebheka indodana yakhe ekuthiwa idlwengule umuntu wesifazane yaphinde yamubulala. Umama uthathe isinqumo sokuyisa indodana yakhe emaphoyiseni ngenkathi ebuya ekhaya.
Umama uthathe isinqumo sokuhambisa ingane yakhe emaphoyiseni ngenkathi uSandile Phillip Skhosana oyindodana yakhe efike wavuma amacala akhe wase wayisa amaphoyisa lapho elahle khona umzimba womuntu wesifazane obunqunu.
Lo mfana oneminyaka engama-27 ube esefakwa ozankosi wavuma wonke amacala akhe.
Useqalile ukudonsa isigwebo sikadilikajele sokubulala neminyaka eyishumi ngecala lokudlwengula ngemuva kokugwetshwa inkantolo enkulu yase-Egoli ngoLwesihlanu.
Umama womfana oboshiwe uDipuo Mphahlele uthe ubengeke akwazi ukufihla ingane yakhe ifunwa amaphoyisa. Ngimuyise endaweni yamaphoyisa lapho afike wavuma amacala akhe wanikeza nesitatimende etshela i-Scrolla.Africa.”
“Ngiqala ngangakholwa ukuthi ulenzile leli cala, kodwa uthe eselivuma icala bengithuke kakhulu,” kusho umama wakhe.
Umseshi ophenya icala uMasela Dan Moloantoa ushayele lomama oyiqhawe izindla ngesenzo asenzile wathi akujwayelekile ukuthi umzali aziyisele yena ingane yakhe emaphoyiseni.
Umseshi uMoantoa uthe umsolwa ngemuva kokuba edlwengule wabulala uNonhlanhla Mkhondwane, uSandile ubaleke e-Gauteng wayocasha KwaZulu-Natali lapho afike wahlala khona nentombi yakhe.
Ingcindezi yokucasha igcine isimubuyisa eTembisa endaweni yase-Ekurhuleni lapho enze khona icala.
“USandile ubuziwe imibuzo wavuma ukuthi wahlangana noNonhlanhla Mkhondwane endaweni okuphuzwa kuyona ekuhambeni kwesikhathi wahamba naye wamudlwengula wase emubulala mhla zingama-24 kuNcwaba” kusho uMoloantoa.
Uthe bekuyicala elinzima ukuliphenya ngoba ubengekho ufakazi owabona kwenzeka lento.
Umama kaNonhlanhla uTshidi Sithole uthe noma ingane yakhe ibingasebenzi, kodwa ibimunakekela.
Lo mama oneminyaka engama-61 uthe ubegula, kodwa uyayikhumbula indodakazi yakhe imunakekela yenza isiqiniseko ukuthi uyaphila.
“Ingane yami ibingasebenzi kodwa noma yimalini abeyithola kumatoho akhe ubewondla wonke umndeni” kusho uTshidi.
Uthe umukhumbule ikakhulukazi ngeSonto lapho bobabili babejwayele ukuya esontweni.