Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kusolwa osonhlalakahle namaphoyisa ngokuhluleka ukuvikela umfana oneminyaka engu-10 ekuhlukunyezweni KwaNongoma.
I-ActionSA icela usizo oluphuthumayo lukahulumeni ngalo mfana nodadewabo.
Kwesinye sezigameko ezixakile, umfana oneminyaka engu-10 waseBhanganoma ngaKwaNongoma kuthiwa unukubezwa ngunina.
Omakhelwane batshele amaphoyisa ngokuhlukumeza kodwa awekho amacala avuliwe. Kunalokho umama uphuthunyiswe esibhedlela iSt Benedict KwaNongoma, enyakatho neKZN.
UMnuz Zwakele Mncwango we-ActionSA, obevakashele umndeni, uthe osonhlalakahle bahlulekile ukusiza umfana ohlukumezekile.
“Ngifike emndenini ngabona isimo sishubile. Umfana usemncane kabi futhi akafanelwe yimpatho ebuhlungu kanje kunina. Ngitshelwe ukuthi amaphoyisa awazange ambeke icala.
“Kunalokho bamyise esibhedlela wahlala inyanga yonke wabuya esezoqhubeka nokumhlukumeza,” kusho uMncwango.
Umama okungenzeka ukuthi unenkinga yengqondo, kuthiwa uzame ukufakela izingane zakhe zombili ushevu ngemuva kokubuya esibhedlela.
“Sicela iminyango kahulumeni, ikakhulukazi yezokuThuthukiswa koMphakathi, ingenelele isize lezi zingane ngoba nendodakazi ihlukumezekile, lezi zingane zidinga usizo ngoba zibhekene nenkinga enkulu,” kusho uMncwango.
*Amagama agodliwe ukuvikela ubunikazi bezingane
Esithombeni esingenhla: Ekhaya lomfana oneminyaka engu-10 odinga usizo oluphuthumayo endaweni yaseBhanganoma KwaNongoma KwaZulu-Natal.
Umthombo: Sithunyelwe
