Everson Luhanga
Ngenkathi uSfiso Chakwane ezwa ukuqhuma kwesibhamu emjondolo wabo ominyene, wazimboza ngengubo yakhe yokulala, wathandazela ukuthi lezi zinhlamvu zingamthinti noma amalungu omndeni wakhe.
Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, sezihambile izigebengu, uSfiso wahlola abazali bakhe. Akutholile kwakukubi ukwedlula ngendlela ayengacabanga ngayo.
Uthe ubaba wakhe wayedutshuliwe futhi wayelele embhedeni eshonile.
“Umama wakhombisa izimpawu zokuphila. Wayegcwele igazi. Ngimkhiphe embhedeni ngimbambe ngezandla zami. Benginethemba lokuthi abosizo lokuqala bazomthola esaphefumula futhi bazomsindisa,” uyasho.
“Kodwa ngesikhathi ngilinde ukufika kwabosizo lokuqala, umama wami washonela ezandleni zami.”
USfiso oneminyaka eyishumi nesikhombisa utshele abakwa-Scrolla.Africa esemjondolo onegumbi elilodwa e-Alexandra, eGoli lapho okushonele khona abazali bakhe ezintatha zangoLwesibili ekuseni, ukuthi ubelele phansi ngesikhathi abaphangi befika ngalobo busuku.
Umama wakhe, uYvonne Ndlovu, osebenza emakhishini, nomyeni wakhe uZeph Ntebane, ongumdwebi, bebelele embhedeni kanye nezingane zakubo kaSfiso ezineminyaka eyi-14 neyi-10.
Abaphangi baphule imishudo base bengena emjondolo. Badubula uYvonne badubula nomyeni wakhe amahlandla amathathu.
Kwathi ngaphambi kokuhamba, owesilisa obedubula waphakamisa ingubo wakhuluma noSfiso.
“Ngemuva kokuthi sihambe, ushayela i-ambulensi ucingo ukuze isindise abazali bakho,” washo kanjalo, waqede wanyamalala nomabonakude, omakhalekhukhwini abathathu ne-laptop.
Leli bhungu lithi lalithuthumela.
“Bengingazi ukuthi ngenzeni. Bengingenawo umakhalekhukhwini njengoba bebathathe konke,” uyasho.
“Ngiye komakhelwane ngabacela ukuba babize amaphoyisa nabosizo lokuqala.”
Yilapho-ke uSfiso abuyela khona wafica ukuthi ubaba wakhe useshonile, izingane zakubo azizange zilimale nomama wakhe wayesaphila kodwa kwembulwa kwembeswa.
Uthe namanje usayizwa imisindo yokuqhuma kwesibhamu ikhala ezindlebeni zakhe nephunga lesibhamu.
“Konke kwenzeke ngaleso sikhala esincane,” uyasho.
Umama omncane kaSfiso uPrecious Ndlovu uthe akaqondi ukuthi kungani abaphangi bebabulale bobabili udadewabo nomyeni kadadewabo.
“Ukube bebefuna umabonakude, bekufanele ngabe bawuthatha nje babashiya bephila. Izingane ziyizintandane ngenxa kamabonakude. Ngiphele amandla,” uyasho.
Okhulumela amaphoyisa ase-Alexandra uSayitsheni uSimphiwe Mbatha uthe amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala nelokubamba inkunzi.