Umama ushaye ingane (2) yaze yashona, wayithungela ngomlilo

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ukukhala okwesabekayo kwentombazane eneminyaka eyisikhombisa ngoMsombuluko ebusuku, itshela omakhelwane bayo ngesigameko esinyantisayo lapho kusolakala ukuthi unina ushaye umfowabo oneminyaka emibili washona, wamshisa.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant-General Nomthetheleli Mene uthe: “Noma ngabe yiziphi izimo okungenzeka ziholele ekutheni abulale ingane yakhe akulungile. Sengikhulumile nethimba labaphenyi ukuze liqinisekise ukuthi leli cala libekwa eqhulwini.”

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Siphokazi Mawisa uthe isigameko esenzeka eCrossroads, eNgqushwa, e-Eastern Cape, senzeke ngezithuba zabo-10:00 ngoMsombuluko.

“Amaphoyisa alunywe indlebe ngamalungu omphakathi mayelana nowesifazane oneminyaka engu-41 ubudala oshaye indodana yakhe wayibulala, wagcina ngokuyishisa.

“Kusolakala ukuthi umama ushaye ingane yakhe phambi kwendodakazi yakhe eneminyaka eyisikhombisa, yabe isibikela umphakathi. Indodakazi manje isigcinwe yilungu lomndeni,” kusho uMawisa.

Umama uvele eNkantolo yeMantshi yaseNgqushwa ngoLwesithathu ngecala lokubulala. Icala lihlehliselwe umhlaka-17 kuNtulikazi ukuze kulalelwe isicelo sebheyili.

Isithombe esingenhla: Isithombe esiwumfanekiso  

Umthombo: X

Izihloko zakamuva