Umama uqulekile washona ethuswe ukulahleka kwengane yakhe eneminyaka eyisihlanu

Kabelo Tlhabanelo

UNkule Matai uye kolanda ingane yakhe yomfana esikoleni kodwa ayizange iqhamuke.

UNkule uvele wacabanga ukuthi ingane yakhe ilahlekile wase waquleka washona phambi kwesango lesikole.

Kodwa uKwanele ubengalahlekile uye ekhaya nomakhelwane ngaphandle kokuthi azise umama wakhe.

Lento eyenzekile eshaqisayo ithuse abaningi endaweni yase Caleb Motshabi eMangaung ngoLwesine ntambama.

Umngani kaNkule uTumeleng Mokhele uthe uNkule ubeniminyaka engu-28, ebenezinkinga nomndeni wakhe kodwa ubesethatha izingane zakhe njengomndeni anawo.

Utshele abakwa Scrolla ukuthi uNkule ubenezinga ezimbili enye bineminyaka engu-5 kanti le enye ibina 7 ubezithanda kakhulu izingane zakhe ubengayiboni impilo ngaphandle kwazo.

Umhlali uPule Matheba oneminyaka engu-33 uthe ubone uNkule ekhala kakhulu ememeza kwisango lesikole ethi ingane yakhe ilahlekile.

Bengikhathazekile ngiphatheke kabi wavele waquleka I-Ambulance ibiziwe kodwa ifike esethulele khona phambi kwesango lesikole.

Uthe okubuhlungu ukuthi lokhu kukhathazeka ngengane yakhe elahlekile bekungelona iqiniso.

“Ngiyafisa ukube kukhona oyibonile ingane igoduka wamazisa,” kusho uPule.

Izihloko zakamuva