Sekuphele izinyanga ezine uCynthia Sibanyoni ebelethe ingane ezalwe isishonile, kodwa namanje akakawatholi amathambo engane yakhe.
Esikhundleni salokho umndeni ubhekane nokwethuka okungachazeki nokudabuka kwenhliziyo okungenasidingo.
“Angazi ukuthi kwenzekeni enganeni yami. Sidinga izimpendulo,” kusho uCynthia wase-Witbank, eMpumalanga.
“Sidinga ukubeka umoya wakhe uphumule,kodwa asazi ukuthi umzimba wakhe ukuphi.”
UCynthia, owaqamba ingane yakhe ngoSphesihle Mthombeni, wabeletha mhla zi-11 kuZibandlela esibhedlela sase-Witbank emasontweni angama-35.
Uthe bahamba bayolanda isidumbu sengane mhla zi-14 kuZibandlela, kodwa bakhonjiswa izinsalela zombungu obolile obugcinwe esiqandisini esingasebenzi.
“Nganqaba ukuthatha leyo ngane. Ingane yami ibisikhule ngokugcwele,” kusho yena.
Uthe batshelwa ukuthi babuye emuva kwezinsuku ezimbili kodwa uma befika khona namanje abanikezwa ingane yakhe.
Kuze kube manje, uSibanyoni akakalutholi usizo maqondana nokutholakala kwamathambo kaSphesihle.
UNgqongqoshe wezeMpilo uSasekani Manzini, owathi umnyango wakhe uzokwenza uphenyo ngemuva kokuduka kwesidumbu sengane ngoZibandlela, akazange aphendule imibuzo ngesimo samanje sophenyo.
Abahlengikazi ababili baseMpumalanga Hospital banikezwe izincwadi zokumiswa emsebenzini ngenxa yezinsolo zokuthinteka kwabo kulesi sigameko.