Umama ukhala ngamadodana akhe adutshulwe ngesihluku

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UBernadette Sturrman ume emnyango elalele amadodana akhe ekhaliswa ukwesaba. Siqhume kaningi isibhamu kwelinye igumbi, kwase kuthula cwaka.

Ukudubulana obekwenzeka eMalabar, eGqeberha kushiye amadoda amabili eshonile. Owesithathu ushonele esibhedlela ngoLwesithathu ekuseni, kanti abanye ababili balimele kakhulu.

NgoLwesibili ezintathakusa, kwangqongqoza amadoda ayezibiza ngamaphoyisa avusa umndeni wakwa Sturrman.

Ngesikhathi kuvuleka umnyango kwangena amadoda amahlanu ezifihlile ebusweni, afika ahlukanisa abesilisa kwabesifazane kanye nezingane.

Amadodana kaBernadette amathathu, umzala kanye nomngani bahanjiswa ekhishini bafika balaliswa phansi, omama nezingane bavalelwa kwelinye igumbi.

“Ngezwa indodana yami uDesmond imemeza ithi ‘mama bazosibulala’,” uBernedette etshela abezindaba iScrolla.Afrika.

“Babefuna indodana yami uReuben. Ngezwa isibhamu siqhuma kaningana kwase kuthulakala. Ngaphusha isicabha ngoba ngifuna ukungena, ngabona indodana yami isidindilizile phansi.”

Umkhwenyana kaBernedette naye washona ngendlela ecishe ifane nalena eminyakeni emibili eyedlule.

Iyodwa kuphela indodana yakhe esindile futhi iyalulama esibhedlela kanye nomzala.

Amaphoyisa ase-Gqeberha aqale uhlelo lokuthungatha abahlaseli ngenhloso yokubabopha engakapheli amahora angu-72.

UMajor-General Vuyisile Ncata ongukhomishana wamaphoyisa eNelson Mandela Bay District, uthe sesinyusiwe isibalo samaphoyisa endaweni.

“ Abantu balahlekelwe izimpilo zabo, angeke sikuvumele ukuphulwa komthetho okunje. Ubugebengu obunje angeke sibumele.”

Esithombeni esingenhla: Omakhelwane behleli egaraji lalomuzi ohlaseliwe

Umthombo wesithombe: @Anita Dangazele 

Izihloko zakamuva