Umama ugxeka ukuhluleka kukahulumeni ngokuminza kwamadodakazi akhe 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Kusolwa ukungabi khona kwebhuloho lokuwela emfuleni iMbhashe ukuminza kwamantombazanyana amabili edolobheni lasemakhaya eMqanduli.

Ngomhlaka-16 kuNhlangulana u-Akholiwe Mmangweni (28) wayehlele ukuvakashela ekhaya labazali bakhe nezingane zakhe, uKhayone (6) no-Aqhamile (2).

Abazali bakhe bahlala esigodini saseMsikithi, yena ehlala nabasemzini wakhe esigodini saseKhwenxurha. Umfula uMbhashe uhlukanisa le miphakathi yomibili.

U-Akholiwe uthe wawela umfula namantombazane akhe amabili ngalolo suku ngoba ikhaya labazali bakhe likude nomgwaqo.

Uthe izakhamuzi zivame ukuwela ingxenye engashoni yomfula ngenxa yokuthi alikho ibhuloho.

“Eqinisweni angazi ukuthi kwenzekeni. Bengingaqali ukuwela umfula nezingane zami. Abantu bawela nezingane ngaso sonke isikhathi lapha. Lalinganile, nomfula wawungagcwele ngalelo langa. Nokho lokhu kwenzeka.”

Uthe ujwayele ukuhlela izingane zasesigodini sabazali bakhe ukuthi zimlinde ngaphesheya komfula ukuze zikwazi ukumsiza yena namadodakazi akhe.

“Bengihlele ukuthi izingane ziphinde zingilinde ngalolo suku, kodwa bezingekho lapho ngifika emfuleni. Futhi ngenxa yokuthi bengibona ukuthi umfula awugcwele nganquma ukuwela ngedwa.

“Ngibelethe indodakazi yami encane, u-Aqhamile emhlane ngabamba isandla sikaKhayone ngasiqinisa ngesikhathi siwela umfula,” kulanda yena.

U-Akholiwe uthe ngesikhathi bephakathi nomfula wehluleka ukubamba isandla sikaKhayone. Wathi esazama ukuhlenga uKhayone u-Aqhamile wavele wawa emhlane wawela emanzini.

“Ngizamile ukubasindisa bobabili. Ngikwazile ukumbamba u-Aqhamile, kodwa angizange ngimthole ndawo uKhayone.

“Ngikhalile ngimemeza ngicela usizo waze woma umphimbo wami. Akekho ofikile,” kusho umama odangele.

Izingane obekumele zihlangane naye osebeni lomfula zimthole ehlezi nesidumbu sika-Aqhamile.

Isidumbu sikaKhayone sitholwe ngemuva kwezinsuku ngomhlaka-21 kuNhlangulana.

Isishoshovu samalungelo ezingane, uMnuz Petros Majola uthe kuyashaqisa futhi kuyaphoxa ukuthi eminyakeni engu-30 kwasungulwa intando yeningi, kusenabantu abalahlekelwa yizimpilo zabo ngenxa yokushoda kwengqalasizinda.

“Uhulumeni kufanele, ngokusebenzisa amakomidi ezigceme namakhansela ezigceme ahlonze izindawo ezinezindawo ezingezinhle futhi uma kungenzeka, enze izikebhe noma amabhuloho abantu abahamba ngezinyawo ukuze kugwenywe lokhu kushona kwabantu okungenasidingo. Imiphakathi nayo kumele ivuke ifune lokho ekudingayo kuhulumeni abawuvotele ukuthi angene emandleni,” kusho uMajola.

Esithombeni esingenhla: UKhayone no-Aqhamile Mmangweni, abaminze emfuleni uMbhashe ngomhlaka-16 kuNhlangulana.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva