Umama ucelela usizo amadodakazi akhe anesifiso sokuya ku-karate world champs

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Amawele aneminyaka engu-15 aziqeqesha nsuku zonke futhi anezindondo eziwubufakazi, kodwa umndeni wabo awukwazi ukukhokhela u-R70 000 odingekayo ukuze uhambe.

Bangene kwi-World Karate-Do Federation Championships ngemuva kokuwina izindondo kumncintiswano kazwelonke obuse-Gqeberha ngoMbasa.

Amawele uRefiloe noBokang Doro base-Brakpan, eKurhuleni, bathole indawo yokuqhudelana esigabeni somhlaba, kodwa amaphupho abo angase abhujiswe yizindleko zokufika lapho.

Izihlabani ze-karate ezineminyaka engu-15 ubudala ziqokwe ukuthi zimele iNingizimu Afrika emqhudelwaneni we-13th World Union of Karate-Do Federations (WUKF), ozokuba se-Sweden kusukela ngomhlaka-9 kuya kumhlaka-13 kuNtulikazi.

Ukuze bafike lapho, umndeni kufanele uqoqe u-R70,000 wokukhokhela izindiza, ama-visa, indawo yokuhlala, ukudla kanye nemali yokubhalisa.

Umama wabo, uZondi Doro, uthi abafuni ukuphuthelwa yileli thuba elitholakala kanye empilweni.

“Amantombazane ajabulile, kodwa kungenzeka singakwazi ukukukhokhela konke lokhu,” kusho yena.

La mawele aqale i-karate eneminyaka eyisithupha echitha isikhathi noyise obuye abe ngumdlali we-karate. Kusukela lapho, abakaze babheke emuva.

URefiloe, ophethe ibhande elimnyama, uwine isiliva ku-kata emqhudelwaneni kazwelonke eGqeberha wahluleka ukuthola igolide ngenxa yephuzu (half). UBokang, onebhande elinsundu, wathola i-bronze ku- kumite.

URefiloe usevele wagqama ezingeni lomhlaba wathatha igolide ku-kumite emqhudelwaneni waseNingizimu Afrika owawuse-Zimbabwe ngo-2023.

UZondi uthi amadodakazi akhe aphila futhi aphefumula i-karate.

“Bavuka ngo-4 ekuseni ukuze bagijime noyise ngaphambi kwesikole. Ngemva kwesikole, baqonda ngqo e-dojo ukuze baziqeqeshe. Basebenzela ngisho nokuba othisha abancane be-karate.

Ukholelwa ukuthi ompetha bomhlaba bazobanika ithuba lokuzibonakalisa abakudingayo ukuze bakhule kwezemidlalo.

“Leli yithuba labo elikhulu lokuzibonakalisa emhlabeni jikelele.”

Umndeni ucela iminikelo ukuze usize ekuqoqeni imali kusenesikhathi.

Esithombeni esingenhla: uBokang noRefiloe Doro.

Umthombo wesithombe: UZondi Doro

Izihloko zakamuva