Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UNomsa Mnisi, umama ophatheke kabhlungu, uncenga isibhedlela i-Far Eastrand, Ekurhuleni, ukuthi sikhulule isidumbu sosana lwakhe oluzalwe lushonile ukuze umndeni wakhe wenze umngcwabo wangasese.
UMnisi, (32), wabeletha ingane isishonile ngomhlaka-22 kuNtulikazi. Isibhedlela siqale sabuza ukuthi uyafuna yini ukwenza umngcwabo ngasese noma kufanele bawenze bona njengesibhedlela.
Umndeni wakhetha ukuzenzela umngcwabo ngasese, kodwa ngesikhathi usubuya ukuzolanda isidumbu ngoMsombuluko odlule, isibhedlela sinqabile, sathi umgomo waso uthi bakhipha isidumbu kuphela uma sesingaphezu kuka-450g.
Kodwa-ke, inqubomgomo yoMnyango wezeMpilo ithi isisindo sokukhululwa kwesidumbu singaphezu kuka-350g.
“Engikufunayo nje ukuthi ngingcwabe indodana yami futhi ngibe nendawo yokuyizilela,” kusho uMnisi etshela i-Scrolla.Africa.
“Sihlele umngcwabo, sakhokhela amathuna nomngcwabi futhi sazisa nomndeni. Kodwa isibhedlela asifuni ukukhulula isidumbu.”
UMnisi ukholwa wukuthi isibhedlela sizama ukuvala ubudedengu bomhlengikazi.
“Ngathi ngifika esibhedlela umhlengikazi wacela isampula yomchamo wami wangilindisa ephaseji ngaphandle kokubheka isimo sami. Ngemva kwemizuzu engu-45, ngezwa ukusikwa ngabe sengicela usizo.
“Umhlengikazi wabona ikhanda lengane wabe esengicela ukuthi ngimlandele siye egunjini lokubelethela. Kodwa ingane yaphuma yashibilika yawela phansi. Umhlengikazi wangifica ngithukile nengane isiphansi. Angizange ngihlanzwe esibelethweni noma ngilulekwe ngokwenqondo futhi ngaphuma ngakusasa ekuseni.”
Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Gauteng, uMotalatale Modiba, uthe isiguli besifuna ukunikezwa isitifiketi sokushona ebesingeke sikhishwe uma ingane ingakazalwa.
“Singakhipha kuphela incwadi yokukhishwa esibhedlela eqinisekisa ukuthi isiguli sabonwa yisibhedlela futhi isibhedlela siyazi ukuthi sizowagcina amathambo.
“Udaba seluxazululiwe ngakho uMnisi kufanele akwazi ukuthola izinsalela zombungu wosana lwakhe olungasekho. Uma kubhekwa ukukhathazeka okuvezwe yisiguli udaba seludluliselwe ophikweni lwe-GDOH Quality Assurance ukuze luqhubeke nophenyo,” usho kanje.
Osesithombeni ngenhla: Umama uNomsa Mnisi odangele.
Umthombo: Doreen Mokgolo
