Umama ucashile ngemuva kokusolwa yisixuku sabantu ebesithukuthele ngokuzibulala kwendodakazi yakhe

Everson Luhanga

Intokazi yase-Alexandra uNasiphi kuthiwa yadlwengulwa yisoka likamama wayo ngoLwezi odlule.

NgoMsombuluko uveze ubunzima abhekene nabo kumama wakhe wabe esemtshela ukuthi ufuna le ndoda ihambe endlini yabo.

NgoLwesibili, uNasiphi waphuza ngokweqile imishanguzo yesifo sofuba washona ngemuva kwezinsuku ezimbalwa esibhedlela.

Incwadi okukholakala ukuthi ngeyokuzibulala itholakele yafundeka kanje: “Ngiyaxolisa, bekumele ngikwenze.”

Lesi sigameko sicasule abahlali base-Alexandra, eGoli ebaye kulo muzi ngoMgqibelo befuna ukuyoshaya umama kaNasiphi, uLumka, nalowo okusolwa ukuthi ungumdlwenguli. Osolwa ngokudlwengula kuleli cala yisoka likaLumka nobaba ongamzali uNasiphi.

Manje lo mama ucashile ngemuva kokuba amaphoyisa ambophe ngozankosi enza sengathi uyaboshwa ukuze ezomhlenga kubahlali abebethukuthele befuna igazi lakhe. Isoka belingabonwa nangokhalo.

Ithimba le-Scrolla.Africa lilandele umama kamufi lakhuluma naye esendaweni acashe kuyo.

“Indodakazi yami yangitshela izindaba ezishaqisayo zokuthi isoka lami lamdlwengula ngoLwezi. Ngesikhathi edidekile futhi ephazanyiswa yilokho angitshele khona, wazibulala,” kusho uLumka.

Uthe ngoMsombuluko, indodakazi yakhe yayifuna ukuthi isoka leminyaka eyi-13 anendodakazi eneminyaka eyisishiyagalombili nalo lihambe. “Ungitshele ukuthi njalo uma embona, kuletha izinkumbulo ezintsha ngokuhlukumezeka nosizi abhekene nalo.”

“Ngipakishe izinto zakhe wahamba ngoMsombuluko,” kusho uLumka.

Uthe ngoLwesibili ubehlele ukululeka indodakazi yakhe. “Ngaya emsebenzini ngacela izinsuku zekhefu njengoba kwakumele ngimnake. Ngenkathi ngisemsebenzini, ngazama ukumshayela ucingo kaningi kodwa wayengalubambi.”

Ucingo lokugcina lwenzeka lapho umngani ongumakhelwane eluphendula engitshela ukuthi indodakazi yami iphuze umuthi futhi iphuthunyiswe eMtholampilo wendawo i-Masakhane. Ube esedluliselwa e-Helen Josephs lapho ashonele khona ngoLwesine.

ULumka uthe okumhlupha kakhulu ukuthi akakwazi ukukhalela indodakazi yakhe ekhaya lapho ebehlala khona. “Angikho ekhaya kumatilasi ukumkhanyisela amakhandlela.

“Kungathiwa uma kuwukuthi umoya wakhe ufika ekhaya uthole indlu ikhiyiwe? Ngabe abahlali bangangivumela ukuthi ngizilele indodakazi yami futhi badedele amaphoyisa enze umsebenzi wawo,” kubuza uLumka ngenkathi ebambe izinyembezi.

Uthe akazi ukuthi isoka lakhe likuphi. “Angisafuni ukuba sebudlelwaneni naye,” esho.

Izihloko zakamuva