Lungani Zungu
Umama ubulale usana lwakhe ngosizo lukazakwabo obebambe ingane, bayisika ulimi, amazinyo, amehlo nezindlebe – kanti kubonakala ukuthi ukwenza lokhu ngoba efuna ukudayisa izitho zomzimba.
UMolvina Ncabisa Nkazana ufake usana olushonile esikhwameni esineqhwa wahlala nesidumbu emjondolo wakhe ose-Madelakufa squatter camp e-Tembisa, e-Ekurhuleni inyanga yonke.
Ngemuva kophenyo oluningi olungenazithelo amaphoyisa kanye nomphakathi bahlela ukwenza uphenyo emkhukhwini kwathi ngemuva kosuku isidumbu sengane satholwa emotweni eyayifile eduze komjondolo lapho umama ayilahla khona ingane.
Uphenyo luveze ukuthi umama wathenjiswa imali ethile ngezitho zomzimba.
Mhla zi-8 kuMbasa bobabili uMolvina kanye nozakwabo uThandazile Tshushu bagwetshwa udilikajele ngamacala okubulala neminyaka emihlanu bebhadla ejele ngokuhlukumeza imigomo yezobulungiswa. Inkantolo iphinde yababonisa ukuthi abakulungele ukusebenza nezingane.
I-Scrolla.Africa ikhulume noMseshi uSayitsheni uMalesela Dan Moloantoa, umphenyi owenza isiqiniseko sokuthi laba besifazane ababili batholwa benecala.
“Kwakungelula ukuphenya nokunikeza impendulo kumuntu owayengumsolwa,” esho.
“UMolvina akazange akhombise ukuzisola. Waze waphuma wayozitika ngophuzo ngesikhathi abahlali bebheka indodana yakhe.”
Uthe uMolvina odabuka e-Matatiele e-Eastern Cape wabika esiteshini samaphoyisa e-Tembisa Rabasotho mhla zi-14 kuNcwaba kowe-2019.
UTheminator Khosa oneminyaka emithathu ubudala watholakala emjondolo wakhe esikhwameni esasifakwe kumadilowa abheke odongeni lomjondolo mhla zi-12 kuMandulo wangonyaka ofanayo.
“Wafaka isidumbu amaqhwe amaningi wafihla iphunga ngokuthela ushibhoshi.”
UMoloantoa uthe umama utshele amaphoyisa ukuthi ubeye kwizangoma, zamtshela ukuthi ingane ifihliwe futhi iyaphila izobuya ngemuva kokwenza imikhuba ethile.
UMoloantoa uthe leli ngelinye lecala elikhulu emsebenzini wakhe.
“Leli cala langihlukumeza ikakhulukazi uma ngicabanga ngendlela ingane efe ngayo,” kusho yena.
Ithimba lakwa-Scrolla.Africa lixhumane nowesifazane owasolwa ngunina wengane osebhadla ejele ngokubulala ingane efuna ukwenza umuthi.
UBuziwe Mphokela uthe ufuna ukubona lo mama ongumbulali, ambuze ukuthi kungani ekhethe ukumsola kubo bonke abantu emphakathini.
“Kusamele angichazele,” kusho uBuziwe.