Umama uboshelwe ukuhlukumeza indodakazi 

Besekuphele unyaka intombazane nesoka layo behlukunyezwa kwi-inthanethi umuntu ongaziwa.

Ngesonto eledlule umsolwa ubekwe icala. Bekungumama wentombazane.

UKendra Gail Licari wase-Mt Pleasant e-Michigan, eMelika  uthweswe icala  waphinde wasolwa nge-catfishing nokuxhaphaza  indodakazi yakhe kwi-inthanethi.

Ngokwe-New York Post, uphenyo lwaqala ngesikhathi isikole sithola isikhalazo mayelana nokuhlukunyezwa kwi-inthanethi.

ULicari owayesebenza njengomqeqeshi we-basketball wamantombazane esikoleni sendodakazi yakhe, uhlanganyele nomama wesoka kanye nezikhulu zesikole ukuze athole ukuthi ubani ongaba imbangela yalokhu kuhlukunyezwa kwi-inthanethi.

NgoMasingana nyakenye sifunda sacela usizo kwabezomtheth. NgoMbasa uphiko lwezobunhloli i-FBI lwangenelela. Kwatholakala ukuthi umama uyathinteka kulokhu.

“Umama usolwa ngokusebenzisa amanethiwekhi ayimfihlo (ama-VPN) ukufihla indawo yakhe,” kusho uMshushisi wase-Isabella County uDavid Barberi.

Ihhovisi lomshushisi lihlanganise amakhasi angu-349 emibhalo ehlukumezayo kanye nemiyalezo yezokuxhumana.

Ekugcineni abe-FBI bakwazile ukufinyelela kumakheli e-IP asetshenziswa ukuthumela imilayezo futhi babona ukuthi axhunywe kuLicari.

Ngesikhathi ebuzwa, uLicari uvume ngokuphelele ngezenzo zakhe. Kodwa izizathu zokuhlukumeza indodakazi yakhe azikacaci.

Umama (42) ubhekene namacala amabili.

ULicari udedelwe ngebheyili ka-$5,000 (cishe u-R88,000) kulandela ukulalelwa kwecala.

Kuhlelelwe ukuthi avele enkantolo ngomhlaka-29 kuZibandlela ukuze kuqulwe icala elizocacisa ukuthi bukhona yini ubufakazi obanele obumbophezela ekuqulweni kwecala.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Esithombeni esingenhla: I-The Shade Room

Umthombo wesithombe: Ijele lase-Isabella County

Izihloko zakamuva