Buziwe Nocuze
NgeSonto intatheli ye-Scrolla.Africa ithintwe umama obesephelelwe ithemba obekhala ngokuthi ingane yakhe ithunjwe ezinsukwini ezimbili ezedlule kodwa amaphoyisa ayenqaba ukuvula icala.
Kodwa ngesikhathi i-Scrolla siqala ukuphenya ngalolu daba kuye kwavela indaba edidayo.
Enkabeni yalolu daba bekukhona umama oyimbangela yokuthunjwa kwengane yakhe ebisanda kuzalwa.
Ekuqaleni uNolusindiso Mpoposho utshele i-Scrolla ukuthi ubewasha izingubo ngaphandle komjondolo wakhe e-Kosovo eKapa ngesikhathi umshana kamyeni wakhe uNonela Matu emvakashele ngoLwesihlanu.
Uthe uNonela uye wacela ukugada ingane kaNolusindiso enenyanga izelwe ngaphakathi emjondolo ngesikhathi umama ewasha izingubo zengane.
UNolusindiso utshele i-Scrolla ukuthi akuphelanga mizuzu emingaki waqaphela ukuthi sekuthulekile emjondolo. Umshana wakhe kanye nengane bebenyamalale bengaziwa muntu.
Uye washayela uNonela ucingo kanti uye wamtshela ukuthi usendleleni ebuyayo – kodwa kudlule amahora ambalwa akazange abuye.
Uye wanquma ukutshela umyeni wakhe uThozamile Matu ukuthi umshana wakhe uthumbe indodana yakhe.
Ngemuva kokuthi uNonela ehluleke ukubuya nendodana yakhe ngalobo busuku, uNolusindiso kanye noThozamile baye esiteshini samaphoyisa beyobika ngesigameko sokuthunjwa.
Alukho usizo esilutholile. “Sitshelwe ukuthi asilinde kuze kube uMsombuluko ukuze umphenyi avule icala, kodwa siye sanquma ukuphinde sibuyele ngeSonto. Sithole impendulo efanayo,” esho ngeSonto.
Kuphele izinsuku ezintathu uNolusindiso, uThozamile kanye nezihlobo zabo bethungatha usana oludukile. Izithombe zikaKulungile zifakwe ku-Facebook.
Sonke lesi sikhathi uNolusindiso ubazi ukuthi uyena odale ukuthi ingane yakhe ilahleke – kodwa ubengeke atshele muntu kubalwa nomyeni wakhe.
NgoMsombuluko ebusuku lo mndeni uthole ucingo oluvela kwisakhamuzi sase-Strand. Obashayele ucingo ubatshele ukuthi ubone uNonela noKulungile ekhelini elithile wabe esebikela amaphoyisa.
Ubatshele ukuthi bazothola uKulungile esiteshini samaphoyisa eLwandle.
Ngesikhathi befika esiteshini samaphoyisa ngempela, uNonela ubephethe ingane.
Kungaleso sikhathi lapho uNonela akhulume khona iqiniso: uNolusindiso uvumile ukumboleka ingane.
Kuvele ukuthi uNonela waqamba amanga esokeni lakhe elihlala e-Strand wathi ukhulelwe, futhi isoka belimthumelela imali yokondla ingane.
Ekugcineni isoka lakhe liye lafuna ukubona ingane. “UNonela ungicele ukuthi ngimboleke ingane yami ukuze eyokhombisa isoka lakhe,” kusho uNolusindiso etshela i-Scrolla ngemuva kokuvela kweqiniso ngoMsombuluko.
Uye wavuma ngoba uNonela ubezoyibuyisela ingane ngalolo suku. “Ngishaywe uvalo ngesikhathi ecisha ucingo lwakhe.
Wathi uNonela akazange amkhokhele ukuboleka uKulungile. Uye wavuma ngoba ezwela umshana wakhe.
“Engikwenze kwindodana yami akulungile, ngifunde isifundo, ngeke kuphinde kwenzeke.”
Uqambe amanga kumyeni wakhe nakuyise wengane yakhe.
UThozamile uphatheke kabi futhi uthukuthelele umkakhe ngalento ayenzile. Ukwethembana kuphelile, futhi umshado weminyaka engu-11 usenkingeni.
Akazi noma uyophinde amethembe yini. “Ngithukuthele futhi ngithukile ngoba umkami ubelokhu ekhala kusukela ngoLwesihlanu ebusuku, engakwazi nokulala nokudla,” kusho uThozamile.
“Ngeke ngiphinde ngimethembe ngezingane zami. Bekuzokwenzekalani ukube isoka likaNonela lithathe ingane yami layibuyisela ekhaya? Ngabe ubezolukhuluma iqiniso ngokubandakanyeka kwakhe ekudukeni kwengane yethu, noma ubezonamathela odabeni lokuthi ingane ezelwe yebiwe?” ebuza.
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uSayitsheni Wesley Twigg uthe ingane isihlanganiswe nomama.
“Owesifazane [uNonela] uboshiwe futhi uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Wynberg uma esethweswe icala.”
Esithombeni esingenhla: UMpoposho nendodana yakhe uKulungile.