Umama ongasekho emhlabeni wabikezela ukuthi indodana yakhe izombulala

Kabelo Tlhabanelo

USiziwe Gladile wenza konke okusemandleni ukusiza indodana yakhe ukuthi iphumelele, kodwa yenqaba yonke imizamo yakhe emihle.

Kanti futhi ngaphambi nje kokufa kwakhe wabikezela ukuthi indodana yakhe izombulala.

Njengamanje uSiziwe obeneminyaka engama-40, useshonile kanti indodana yakhe eneminyaka engama-21 iboshiwe, ibhekene necala lokubulala.

USiziwe wagwazwa wabulawa wabe esengcwatshwa emgodini ongaphakathi komjondolo osegcekeni lakhe.

Uthando lukaSiziwe lwendodana yakhe belujulile futhi belaziwa emphakathini.

Ngesikhathi esengumabhalane wamaphoyisa eMpumalanga yeKapa,  wathengela indodana yakhe i-laptop.

Wathathwa njengomuntu wokuqala osemusha ukuba ne-laptop endaweni yasemakhaya e-Ngqamakhwe.

USiziwe uthathe umhlalaphansi ngoLwezi nyakenye, waqala ibhizinisi lakhe lokupheka wabe esenquma ukuyisa indodana yakhe e-Free State ukuze ayifundise ngaleli bhizinisi.

Kodwa indodana yakhe yayingenandaba nebhizinisi.

Umzala kaSiziwe, uMzukisi Nontshikiza utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi le nsizwa iqale ukubhema i-nyaope.

“USiziwe waqala lapho ukumsaba,” kusho uMzukisi.

USiziwe ubehlele ukumkhipha endlini enkulu amuse emkhukhwini ongemuva kwegceke owawuzokwakhiwa endaweni yakhe.

UMzukisi uthe wabona iwindi liphukile endlini, kodwa indodana yathi kungene abantu endlini bagqekeza kodwa wabe esebona ama-dreadlocks kaSiziwe endlini kanti futhi noSiziwe wayengekho.

Kwavulwa icala lomuntu olahlekile mhla zingama-31 kuNdasa.

UMzukisi wayeqhubeka nokubheka umkhondo ngesikhath ebona ukuthi phansi emjondolo kukhona okunuka santungwana.

“Ngesikhathi kuseshwa umjondolo, indodana yahamba yathi isayothenga ugwayi. Ngabe sengibona isidumbu sikamzala wami ngase ngibiza amaphoyisa,” kusho uMzukisi.

“Ngafica umshana wami ozivumele ngokwakhe emaphoyiseni. Amaphoyisa aqala asola isoka likamzala wami kodwa abe esembopha umshana wami ngemuva kokuvuma kwakhe icala.”

Umndeni ucele osonhlalakahle ukuthi benakekele indodana kaSiziwe encane.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thandi Mbambo uliqinisekisile icala lokubulala wathi umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Welkom mhla zi-6 kuMbasa.

Izihloko zakamuva