Celani Sikhakhane
Lesi sigameko sesiphenduke uphawu lwethemba ngemuva kokuphanga, udlame nokushona okugubuzele uMzansi.
Kodwa, umama owahlenga ingane yakhe esakhiweni esivuthayo wayiphonsa phansi ukuze asindise impilo yayo, uthi ucindezelekile ngenxa yemicabango kanye nokugxekwa kwesinqumo sakhe.
Ngenkathi ibhilidi lakhe livutha amalangabi, limvalela yena kanye nengane yakhe kuvulandi, kwaqala umhelo kamama kuNaledi Manyoni. Waphonsa ingane encane kubantu abebephansi ngenhlanhla bayibamba ingane encane, eyasinda ingalimele.
UMelokuhle oneminyaka emibili waphonswa esitezi sesithathu se-City Life Building, ekhoneni lomgwaqo u-Smith and Field.
UNaledi oneminyaka engama-26, waseFolweni, eningizimu yeTheku, waba sematheni emhlabeni ngesonto eledlule ngemuva kwalesi sigameko.
Yize ebonga ukuthi indodakazi yakhe isindisiwe, lo mama utshele i-Scrolla.Africa ukuthi unengcindezi ngenxa yalesi sehlakalo.
“Kunabantu abangigxekayo ngokuphonsa indodakazi yami phansi kulesi sakhiwo esivuthayo. Ngibizwa ngomama ongenandaba.
“Kungiphathe kabi kakhulu lokhu kusolwa ngoba konke ebengikufuna bekungukusindisa impilo yendodakazi yami nabantu abebephansi banginike ithemba ngokungikhuthaza ukuthi ngiyiphonse kubo. Ngangikhungathekile futhi ngesaba,” esho.
UNaledi nesoka lakhe, uSimthembile Matomani oneminyaka engama-36, kudingeke balale emotweni yabo ngoba besaba ukubuyela eflethini labo.
Lesi sigameko sithinte abantu abaningi emhlabeni jikelele, okubalwa kubo i-Nelson Mandela Foundation esibize umhlangano noNaledi nendodakazi yakhe.
Ngaphambi kokuthi uNaledi asindise impilo yendodakazi yakhe, isoka lakhe laliphumile liyogcwalisa imoto yabo ngophethiloli.
“Ngesikhathi ngibuya ngabona iqulu labantu bememeza ukuthi ingane iphonswe kubo. Bengingazi ukuthi lo muntu yindodakazi yami. Kusukela lapho asikaze sithole ukwelulekwa,” kusho uSimthembile.
Ufuna ukuphuma efulethini athole indawo ephephile nezingane zakhe nomama wazo.
Khonamanjalo, indodana kaSimthembile eneminyaka eyi-16, ebikanye nomama wayo omncane ngesikhathi sesigameko, ikwazile ukugxuma isuka esakhiweni esivuthayo yaya esigxotsheni samarobhothi, esisebenzisile ukuya phansi.