Doreen Mokgolo
Owesifazane okhulelwe ushaywe ngesihluku waze washona yisoka lakhe ngoLwesihlanu, kusolwa ukuthi ubenenkolelo yokuthi akayena ubaba wengane engakabelethwa.
Ngaphambi kokuthi abulawe, uSamantha Zungu ubekezele iminyaka ehlukunyezwa kanzima yisoka lakhe, elingakadalulwa igama. Kusolwa ukuthi ubemdlwengula emshaya kubo bonke ubudlelwano babo beminyaka eyi-11.
Umama oneminyaka engama-27 wase-Nigel, e-Ekurhuleni ushaywe waze washiswa ngomlilo ngubaba wezingane zakhe ezimbili.
Lesi sigameko sokubulala senzeka ezinyangeni ezimbili nje kuphela ngemuva kokuphuma ngoshwele. Phambilini wagwetshwa ngecala lokudlwengula nokushaya owayeyintombi yakhe.
Ngobusuku bokubulala, umsolwa wafika ekhaya lakhe eDuduza lapho uSamantha ayevakashele khona. Waqala ukumsola ngokumkhohlisa ngokukhulelwa, futhi waba nodlame.
Ngolaka lwakhe, kuthiwa wavala uSamantha umlomo ngetheyipu ukumvimba ukuthi angamemezi, wase eqala ukumhlasela.
Umama kamufi, uMargaret Zungu, uthe lezi zithandani bezithandana ziphinde zihlukane iminyaka eyi-11 edlule futhi banezingane ezimbili ezineminyaka emibili nemihlanu.
“Wayezinikele kuye ngisho nalapho emkhohlisa futhi emhlasela,” echaza.
UMargaret wengeze ngokuthi eminyakeni edlule wayesaba ukuthi ngelinye ilanga umsolwa uzobulala indodakazi yakhe.
“Simkhuthazile ukuthi amshiye kodwa bebehlezi bebuyelana”.
“Ngangazi ukuthi indodakazi yami inelinye ithuba lokwakha kabusha impilo yayo kodwa yagcina izibopho ngenkathi imuvakashela ejele,” esho.
Lo mama uthukuthele wenezele ngokuthi unethemba lokuthi umsolwa usezogwetshwa udilikajele.
Okhulumela amaphoyisa aseDuduza uSayitsheni Harry Manaka ukuqinisekisile ukubulala wathi umsolwa uboshwe ngoMgqibelo.