Umama nendodana batholakale benamanxeba beshonile endlini eVhembe 

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

  • Owesifazane nomfana wakhe oneminyaka engu-11 batholakale beshonile benamanxeba ekhanda nasemzimbeni ngemuva kokuba ilungu lomndeni ligqekeze endlini yabo ekhiyiwe.
  • Amaphoyisa athungatha umyeni ovame ukushaya unkosikazi kodwa ongakaze abikwe eziphathimandleni ngaphambi kokubulala.

Amaphoyisa afice umama nendodana yakhe encane beshonile emzini wabo esigodini sase-Manyii e-Vhembe ngemuva kokuthi ilungu lomndeni libike ngephunga elingaqondakali eliphuma endlini.

Umfowabo wowesifazane ugqekeze endlini ngoLwesithathu ngemuva kokufica isango lonogada likhiyiwe kodwa umnyango uvuliwe.

“Umfowabo ufice udadewabo elele embhedeni enamanxeba avulekile esiphongweni kanye nomshana phansi enamanxeba amaningi emzimbeni,” kusho okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uColonel Hlulani Mashaba.

Abezimo eziphuthumayo baveze ukuthi bobabili bashonele endaweni yesigameko. Lona wesifazane ugcine ukubonakala ephila ngeSonto.

Amaphoyisa akholelwa ukuthi kungenzeka ukuthi umyeni walo wesifazane oneminyaka engu-37 ubudala obabulele. Laba bashadikazi bebevame ukulwa kodwa unkosikazi akaze abikele amaphoyisa.

Isikhulu samaphoyisa e-Limpopo uLieutenant General Thembi Hadebe ukugxekile ukubulawa kukamama nendodana.

“Udlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nezigameko zokubulawa kwabesifazane azisoze zabekezelelwa futhi abenzi bobubi

kumele babhekane nengalo yomthetho,” usho kanje.

Amaphoyisa athungatha umyeni. Onolwazi akashayele uSayitsheni uKhwilimba ku-082 319 9558 noma ku-crime stop ku-08600 10111.

Abantu bangasebenzisa futhi i-MySAPSApp noma baye esiteshini samaphoyisa esiseduze nabo.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa.

Umthombo: File

Izihloko zakamuva