Umama nendodana basolwa ngokwakha itulo lokubulala udokotela obeyisilomo eGqeberha

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Owayengunkosikazi kadokotela wase-Gqeberha uBantu Noqekwa osolwa ngokuba ungqondongqondo ekubulaweni komyeni wakhe obokhonzwe abantu uvele eNkantolo yeMantshi yase-New Brighton, e-Gqeberha ngoLwesibili.

Eceleni kwakhe bekukhona indodana yakhe endala, amaphoyisa athi yavuma ukuthi yona nonina bakha itulo lokubulala uyise.

U-Ethel Mphahlwa-Noqekwa (46) uboshwe ngasekuqaleni kukaNhlangulana. Indodana yakhe uKhanyisa Noqekwa (19) iboshwe ngemuva kwezinsolo zokuthi itshele amaphoyisa ukuthi itulo lokubulala uyise laqala ngoZibandlela ngemuva kokuthi unina amtshela ukuthi uyise umthengele izinkabi.

UNoqekwa wanqaba isicelo sendodana yakhe sokuya esikoleni sokusoka nokuyinto eyadala ukubandakanyeka kwayo kuleli tulo.

Ngokwemibiko yamaphoyisa uMpahlwa-Noqekwa wacela omunye umuntu ukuthi amsize ukuhlela leli tulo. Lowo muntu usephenduke ufakazi wombuso futhi unikeze amaphoyisa imininingwane ngetulo lokubulala kanye nezizathu zezimali eziyimbangela yokubulawa kukadokotela.

Lo muntu uveze ukuthi uMpahlwa-Noqekwa ukhulume ngobudlelwano bakhe obungebuhle noNoqekwa obuphathelene nezinkinga zezimali. Baphinde bathi wacela usizo lokuthola izinkabi ngoba ukubulala udokotela bekuzoxazulula izinkinga zakhe zezimali.

Kuthiwa uMpahlwa-Noqekwa ubazi ngemishwalense kanye nezimali zowayengumyeni wakhe futhi wayazi ukuthi indodana yakhe yokuqala izoqokwa njengomabi.

Ngobusuku bangomhla zintathu kuNhlaba amadoda amane angena endaweni yokusebenza kaNoqekwa elokishini laseZwide e-Gqeberha. Kuthiwa ababulali baye babopha udokotela ongasekho etafuleni ngaphambi kokumdubula amahlandla amaningi ekhanda.

Kusolakala ukuthi umama nendodana bavakashele umeluleki wezimali kadokotela ongasekho ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kwenzeke isigameko behambise incwadi egunyaza ukuthi indodana ibe ngumabi we-trust funds nemigomo.

Kuthiwa umsolwa wakhipha imali e-Caltex e-Forest Hill wabe esekhokhela isangoma ukuze senze isiko lokugeza ababulali.

Esinqumweni sayo sangoLwesibili, iMantshi uMphuthumi Mpofu ithe ukushona kukadokotela kufana nokuzamazama komhlaba njengoba “kunyakazise izinsika zesifundazwe sonkana”.

Isicelo sikaMphahla-Noqekwa sebheyili sinqatshiwe ngoLwesibili. Ukulalelwa kwebheyili kaKhanyisa Noqekwa kuhlehliselwe kumhlaka-17 kuNtulikazi.

UMphahla-Noqekwa uzohlangana nabo bonke abasolwa enkantolo ngomhlaka-17 kuNcwaba. Bobabili umama nendodana babekwe icala lokwakha itulo lokubulala.

Esithombeni esingenhla: UNothukela Ethel Mpahlwa-Nowekwa

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva