Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umlilo owesabekayo udlule nomphefumulo kamama uNoluvuyo Zekani (19) kanye nendodakazi yakhe uLuphiwo (1).
Lesi sibhicongo esenzeke e-Lower Crossroads eKapa sishiye umndeni wakwaZekani usezinhlungwini futhi ukungathekile njengoba uzama ukuthola indlela yokungcwaba abathandiweyo bawo.
UMawethu Zekani onguyise kaNoluvuyo nomkhulu kaLuphiwo uthe ukube akukho ukucishwa kukagesi ngabe le nhlekelele ayizange yenzeke.
“Indodakazi yami ibivakashele isoka layo eliphinde libe nguyise wengane. Ngenxa yokuthi bekuyizikhathi zokucishwa kukagesi uye wasebenzisa ikhandlela,” esho.
“UNoluvuyo uye wazumeka washiya ikhandlela livutha.”
Amalungu omphakathi aye atshela uZekani ngalezi zindaba kodwa wehlulekile ukusindisa indodakazi yakhe nomzukulu wakhe. Bobabili bashe kabi. UNoluvuyo obesaphila uthole isikhathi sokukhuluma noyise okokugcina.
Kuyimanje uZekani ubhekene nomsebenzi onzima wokungcwaba indodakazi nomzukulu wakhe nokuyinto enzima kakhulu njengoba yena noNoluvuyo bebedonsa kanzima ngokwezimali.
“Akekho osebenzayo. Indodakazi yami ibisanda kuqala ukusebenza kwa-KFC. Bekuyinyanga yayo yokuqala futhi ibingakaholi ngesikhathi sesigameko,” esho.
“Ukuze ngisheshe ngithole imiphumela yolibofuzo kuzomele ngenze ukuhlolwa kwangasese okuzobiza u-R2,800. Noma ngilinde ukuhlolwa kukahulumeni okuthatha izinyanga. Bahlupheke ngokwanele ngesikhathi bekulowo mjondolo. Isifiso sami ukuthi bangcwatshwe maduze.”
Ilungu lekomiti lomgwaqo uMnu Khosi Jelwana uthe umndeni udinga lonke usizo.
“Sizocela iminikelo futhi siyethemba ukuthi sizoyithola. Sidinga usizo emphakathini,” kusho uJelwana.
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape, uSayitsheni Wesley Twigg uthe kuvulwe idokodo lophenyo.
Esithombeni esingenhla: UNoluvuyo Zekani nendodakazi yakhe uLuphiwo abashone kabuhlungu ngesikhathi kusha umjondolo e-Lower Crossroads eKapa.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe