Karabo Rammutla
USamke Nomagugu kanye noHlengiwe Nkwanyana abasibo umama nendodakazi abajwayelekile.
Bobabili bakhiqiza izinto ezibukwa ngabantu abadala futhi abanamahloni ngakho.
Ku-Facebook uNkwanyana (48), waziwa njengowesifazane osekhulile othandayo futhi odayisa ngocansi kanti uSamke usebenzisa inkundla ye-OnlyFans abelana ngayo ngezithombe zakhe zocansi mahhala.
Bobabili abanamahloni ngomsebenzi abawenzayo futhi bathatha ukugxekwa njengendlela yokukhangisa ebalethela amakhasimende amaningi.
USamke, uthisha oneziqu, uthi umama wakhe nguyena owamazisa ngalo msebenzi.
“Bengikwazi akwenzayo futhi bengibona ukuthi unginikeza impilo emnandi nezingane zakwethu kanti ngesikhathi ngingawutholi umsebenzi ngaya kuyena ngamcela ukuthi angiqeqeshe nakuba ekuqaleni wayemanqika, kamuva wathi kungcono ngifunde kuye,” esho.
USamke (24) uthe yize eqale leli bhizinisi KwaZulu-Natal uye wabona ukuthi iningi lamakhasimende akhe aseGoli.
“Ngithuthele e-Randburg futhi ngijabule kakhulu, ngimatasa kanti angiswele lutho.”
Uthe usaya kumama wakhe ukuze athole izeluleko.
Umama kaSamke, uHlengiwe uthe umsebenzi wocansi wamsindisa.
“Lo msebenzi ungenze ngazimele futhi ngazinza ngokwezimali. Ngaqala ukukwenza ngesikhathi ngisahlupheka kakhulu kodwa ngasheshe ngabona ukuthi umsebenzi oholelayo uma umuntu ewenza ngobuchule nangendlela eqotho,” esho.
Uthe akanandaba nabamsola ngokufaka indodakazi yakhe emsebenzini wocansi.
“Baningi abadayisa ngomzimba futhi banabazali kwesinye isikhathi abathandana nabo abangazi ukuthi benzani. Nginobudlelwano obuhle nendodakazi yami futhi ngiyayazi yonke into ayenzayo, yenza imali nami ngiyayenza. Siyajabula,” esho.