Umama kasaziwayo nohambo lwase-Mount Everest

Sizwe Sibiya

Umama kamrepha uRicky Rick uthathe uhambo oluya e-Mount Everest ukuyohlonipha indodana yakhe engasekho.

Kusukela ngomhlaka-23 kuNdasa, umama kamrepha ongasekho uRiky Rick, uLouisa Zondo ubesohambweni olubandayo lokuya e-Mount Everest e-Nepal, ukuyohlonipha indodana yakhe engasekho, eyashona ngokuzibulala ngomhkaka-23 kuNhlolanja, ineminyaka engu-34 ubudala.

Osaziwayo abaningi, abalandeli namalungu omndeni bebelokhu behlonipha lo mrepha obephinde abe ngusomabhizinisi nomlingisi ngezingoma zokuhlonipha, amabhodi amakhulu kanye nezikhangiso zakumabonakude.

Okulandelayo kuyingxenye yencwadi yokuqala ethunyelwe ngomhlaka-23 kuNdasa ngumama kaRiky Rick, uLouisa.

“MaRiky othandekayo. Kusekuseni kakhulu umhlaka-23 kuNdasa 2022 – 01h03, isikhathi sase-Nepali,. Ngomhlaka-23 kuNhlolanja ngo-2022 wusuku okwahlukana ngalo umoya nomzimba wakho. Ngilele ngomhlane embhedeni ofudumele e-Bhudda Lounge, e-Phakding, e-Nepal. Ngise-Nepal ngoba ngisendleleni eya e-Mount Everest Base Camp, MaRiky. Ngiphapheme ngaleli hora ngoba ngizindla ngokuphila, ukufa kanye nencazelo yakho konke.

“Kusukela ngosuku owashona ngalo ngenyanga edlule, bengisazi kahle isidingo kimina sokwenza umqondo wokuthi ngikuphi nokuthi ngibizelwe ukwenzani. Nginqume ukuqhubeka nalolu hambo oluya e-Mount Everest Base Camp hhayi nje ngoba ngazi ukuthi ubuzofuna ukuthi ngenze kanjalo, kodwa ngoba ngicabanga ukuthi kuzonginika ithuba eliphelele, phakathi kwezinsuku ezingu-14, lokulwa nemibuzo – ( i) Yisiphi isikhathi; futhi (ii) Lo mzuzu ungibizela ukuthi ngibe yini,” kufundeka incwadi yokuqala.

Okulandelayo kuyingxenye yesibili yencwadi ethunyelwe ngomhlaka-24 kuNdasa ngumama kaRiky Rick, uLouisa.

“MaRiky othandekayo, isipiliyoni sayizolo besisihle. Mina nomamncane uXoli sihambe nethimba lethu labahamba ngezinyawo ngemuva kokuxhumana nalo ngoMsombuluko ebusuku, ngomhlaka-22 kuNdasa. Bekuwusuku lwethu lwesibili lohambo lwethu lokuya e-Mount Everest Base Camp. Sisuke e-Phakding ngabo-09:00 silibangise e-Namche Bazaar. Bekuwuhambo lwamahora angu-9 olugcwele uhleko, ukushuthwa ngamakhamera, ukuthula, nobuhlungu bomzimba. Sinyuke sisuka endaweni engamamitha angu-2600 siya kwangu-3440m ngaphezu kwezinga lolwandle. Ngizwa nginokubonga okukhulu ngokuthi sonke eqenjini siqede usuku ngomoya ophezulu futhi simagange ukwelapha imizimba yethu ekhathele ngokuphumula okufanele.

“Ngesikhathi ngibuka izinto ezimangalisayo zentaba, umuzwa wokuthi uyingxenye yakho konke ube ngowangempela MaRiky… ngiye ngahleka kakhulu futhi ngamemeza igama lakho,” kufundeka incwadi yesibili.

Okulandelayo kuyingxenye yesithathu yencwadi ethunyelwe ngomhlaka-25 kuNdasa ngumama kaRiky Rick, uLouisa.

“MaRiky othandekayo, namuhla – umhlaka-24 kuNdasa 2022 – wusuku lwesihlanu lohambo lweqembu (usuku lwesine lukamamncane uXoli nami). Sibe nosuku lokuphumula “oluhle” olusenze sahamba kancane amahora amathathu nesigamu siya e-Everest Viewing Hotel, engu-3880m ngaphezu kwezinga lolwandle.

“Endaweni yokudlela sikwazile ukubona isiqongo se-Mount Everest. Leli kube yithuba elifushane njengoba isiqongo sentaba sivalwe ngamafu ngokushesha. Yeka ubumndani balokhu!

“Sihlangabezane nezindawo ezibukeka ngendlela enhle ngokumangalisayo phakathi nalolu hambo, olunamadlelo athule ama-yak kuyo yonke indawo enezintaba. Inhliziyo yami ibigcwele injabulo,” kufundeka incwadi yesithathu.

Isikhathi sohambo lokuya e-Mount Everest “singamaviki angu-10 noma izinyanga ezimbili”. Kodwa futhi kungathatha izinyanga ezintathu njengoba abanye abaqwali bethanda ukuchitha isikhathi esiningi ngaphambi kokufika esiqongweni, ukuze bajwayele umkhathi, ngokusho kwe-Everester.org.

ULouisa neqembu lakhe labahambi kulindeleke ukuthi bafike esiqongweni sentaba ngasekupheleni kukaNhlaba ngo-2022.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva