Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni
Kusukela eGoli kuya e-Paris, uJoy Chauke owaziwa ngelika “Mama Joy” ngabathandi bezemidlalo uphakamise ifulegi laseNingizimu Afrika ngenkulu inhlonipho.
Kuleli sonto, uhlabane ngesicoco sokuba yi-Sports Fan of the Year kuma-2023 Momentum GSports Awards umcimbi obubanjelwe e-Johannesburg Wanderers Club.
Yize uMama Joy engazange akwazi ukwamukela indondo yakhe ngenxa yokuzinikela kwakhe e-Paris ukuyokweseka amaBhokobhoko ngesikhathi seNdebe Yomhlaba Yebhola lombhoxo ka-2023 – umngani wakhe, uDineo Mokwena umthathele indondo yakhe egameni lakhe. UMokwena uphawule ngokuhlekisa ku-Scrolla.Africa ethi “Uma kungawini uMama Joy, ubani obengawina?
“Noma ngubani oqhudelana naye kufanele avele aphuze amanzi, ahlale phansi futhi alungele ukushayela ihlombe ukunqoba kwakhe.”
Lo mcimbi usungulwe isihlabani sezemidlalo nomhlaziyi wekhilikithi uKass Naidoo, ukugqamisa labo ababonisa uthando endimeni yezemidlalo.
Umoya wokungantengantengi kaMama Joy kwezemidlalo eNingizimu Afrika umbeke esikhungweni sezindebe zomhlaba ezintathu esikhathini esingaphansi konyaka. Ngo-2022, wema phakathi kwezihlwele e-Qatar kwiNdebe Yomhlaba ye-Fifa Yabesilisa izinsuku ezingu-40 zilandelana.
Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, wahalalisela iBanyana Banyana ngesikhathi seNdebe Yomhlaba ye-Fifa Yabesifazane eyayibanjelwe e-Australia nase-New Zealand.
Njengamanje njengoba ese-Paris, ithemba likaMama Joy lisalokhu liphezulu.
Ukholelwa kakhulu ekutheni ukaputeni uSiya Xolisi angaphinde aphakamise iNdebe yoMhlaba, ebalula ubuholi bakhe kanye nokuba sezingeni eliphezulu kweqembu.
Ngaphandle kokubuka imidlalo nje, uMama Joy uhlanganyela ngokugcwele nabalandeli bombhoxo bomhlaba ikakhulukazi amaBhokobhoko.
Ezwakalisa ukubonga kwakhe, uMama Joy ubonge uMnyango Wezemidlalo, Ibhola Lombhoxo laseNingizimu Afrika, uMark Alexander kanye noDanny Jordaan weNhlangano Yebhola Lezinyawo yaseNingizimu Afrika ngokweseka kwabo okuqhubekayo kanye nezilokotho ezinhle.
Esithombeni esingenhla: UMama Joy eParis
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
