Dylan Bettencourt
Obunye bobuso obudume kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika, uMama Joy, umenywe ukuzothamela umqhudelwano weNdebe yomhlaba ye-Fifa ngonyaka ka-2022 e-Qatar.
UMama Joy, ungunobhala-jikelele wabalandeli baseNingizimu Afrika, waziwa kakhulu njengomlandeli ozinikele we-Orlando Pirates.
Ependwe futhi egqokiswe ngemibala yeqembu lakhe alikhonzile, uMama Joy uyabonakala njalo uma amaBhakabhaka noma iBafana Bafana ingena enkundleni.
UMama Joy waba sematheni ngesikhathi ezenza umlandeli we-Royal AM ngonyaka odlule, nokwaholela ekutheni abantu bakholelwe ukuthi ukhokhelwe ukuze ashintshe ukwethembeka kwi-DStv Premiership.
Umlandeli ojabule uzohambela umcimbi noMengameli we-Safa uDanny Jordaan, iphini likaMengameli u-Irvin Khoza kanye nesikhulu esiphezulu se-Safa uTebogo Motlanthe mhla zizinye kuMbasa.
“Ngibonga i-Safa ngaleli thuba ikakhulukazi uMengameli uDanny Jordaan ngokwamukela abalandeli njengoba bebalulekile emdlalweni,” usho kanje kwiwebhusayithi ye-Safa.
“Kukhulu lokhu ngeke ngimele inhlangano yami kuphela kodwa ngizophinde ngenzele ne-Safa, iNingizimu Afrika ne-Cosafa,” kusho uMama Joy.
“Ngizoba phakathi kwabalandeli abambalwa bomhlaba wonke bebhola lapho kuzotonyulwa khona.”
UMama Joy uzolifulathela elaseNingizimu Afrika aye emcimbini wodumo ngomhlaka-28 kuNdasa bese ebuya mhla zintathu kuMbasa.
Uthe abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika bazomenywa ukuthi bahambele iNdebe yoMhlaba ngasekupheleni kwalo nyaka.
“Okwesikhashana, bathembise ukuthi abalandeli abambalwa abavela eNingizimu Afrika okuhlanganisa noMengameli wabalandeli bethu, uSaddam Maake, bazothatha uhambo ngesikhathi somqhudelwano weNdebe yoMhlaba,” kusho uMama Joy, wengeza ngokuthi bahlose ukwenza ezibukwayo kuleliyazwe.
Umthombo wesithombe: @DailySun