Umama embangweni wesidumbu sendodana yakhe eyashona 

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

UNolwandle Nontswabu (37) ongumama wezingane ezine washonelwa indodana yakhe engozini yemoto ngomhlaka-26 kuLwezi nyakenye. Kusukela ngaleso sikhathi isidumbu somfundi osemncane waseNyuvesi yase-Fort Hare lokhu sagcinwa emakhazeni kanti sibangwa unina nalabo ababengabasemzini wakhe.

NgoLwesine uNontswabu uhlangabezane nembibizane ngesikhathi iNkantolo eNkulu yaseMthatha inika umndeni kalowo owayengumyeni wakhe amalungelo okungcwaba.

Kodwa-ke, umama ohlukumezekile uthe impi isekude ukuphela njengoba ezofaka isicelo sokuphikisa isinqumo.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ngemuva kokuthi iSekela likaMengameli wamaJaji uBantubonke Tokota ethule isinqumo,uNontswabu uthe: “Angisamukeli isinqumo senkantolo.

“Angamukelekile ukuvakashela umndeni walowo owayengumyeni wami. Ngizolivakashela kanjani ithuna lendodana yami uma ngingakwazi ngisho nokufika emndenini ngixoxe nawo? Angazi noma bazongivumela yini ukuthi ngiye emngcwabeni wakhe njengoba inkantolo isibanike igunya lokumngcwaba,” kusho uNontswabu.

“Ngizophinde ngikhulume nommeli wami mayelana nokudlulisa isinqumo.”

“Ngifuna ukungcwaba indodana yami endaweni engathathi hlangothi lapho esingamvakashela khona sonke noma yinini uma sifuna.”

IJaji uTokota liyigxeke kakhulu imindeni ngokusebenzisa ingane ukulwa izimpi zayo nokunqabela indodana yayo umngcwabo ohloniphekile.

“Asikho isizathu sokuthi namanje isidumbu saleyo ngane sisagcinwe emakhazeni ikakhulukazi njengoba kunokucishwa kukagesi ekubeni lolu daba bekumele luxazululwe ngaphandle kwenkantolo izinhlangothi zombili,” esho.

UNontswabu uthe uyise womfana uSiwelile Nontswabu ubengayingeni nakancane indaba yale ngxabano, kodwa ubelalela konke okushiwo umkhulu wesisulu.

I-Scrolla.Africa sifinyelele kuyise womfana kodwa wenqabile ukuphawula.

Esithombeni esingenhla: Ibhungu elashona engozini yemoto nyakenye 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva