Lungani Zungu
Impi ephakathi kukaMalusi Gigaba nosezoba yinkosikazi yakhe yakudala uNorma Mngoma ishubile kwikhomishini yokulawulwa koMbuso, lapho uGigaba echaze uMngoma “njengomqambimanga osezingeni eliphezulu.”
UGigaba, oke wabamba izikhundla ezahlukene zongqongqoshe okubalwa ezezezimali, uzichithile izethulo zikaMngoma kule khomishini.
Akazange awakhethe amazwi akhe, wathi ubufakazi bukaMngoma ngesonto eledlule babungamanga wodwa.
Uthe uMngoma ubeziphindiselela ngenxa yesehlukaniso sabo esiqhubekayo nokuthi “akakwazi ukuhamba engenalutho.”
“Yilapho ke ukuziphindiselela kwakhe kuqhamuka khona, sihlalo,” kusho uGigaba oseneminyaka eyisikhombisa eshade noMngoma.
UGigaba uvumile ukuthi ubengabangani nabakwaGupta, okukhonjiswe ukuthi bayisisekelo sokwebiwa kombuso okwenzeka ngesikhathi kusaphethe uJacob Zuma.
UPaul Holden, umqondisi wezophenyo ku-Shadow World Investigations, utshele ikhomishini kuleli sonto ukuthi imali engaphezu kwezigidigidi ezingama-R49 isetshenziswe yizinhlaka zombuso ngezinkontileka “ezingcoliswe ukubanjwa kombuso.” Izigidigidi eziyi-R16 zale mali zaphela kwabakwaGupta.
UGigaba uvumile ukuthi wavakashela abakwaGupta, ababaleka ezweni ngemuva kokushabalala kukaZuma ngowezi-2018, e-Saxonwold amahlandla amaningi.
UMngoma utshele uZondo ngesonto eledlule ukuthi uGigaba wayekhona ngesikhathi abakwaGupta befika e-Waterkloof Air Force Base ngowezi-2013.
UGigaba uthe lokhu kungamanga.
“Angikaze ngibe se-Waterkloof ukuyobamukela. Ngababona kumabonakude njengawo wonke umuntu. Ngangithukile njengabo bonke abantu.”
UGigaba uthe kungamanga futhi ukuthi ubethumela izinkontileka zemali kwabakwaGupta.
“Angikaze ngiphazamise umsebenzi webhodi nabantu ababhekele ukukhipha amathenda,” kusho uGigaba.
Uthe uMngoma “ubeqeqeshiwe” ngendlela abethula ngayo ubufakazi bakhe kwikhomishini.
Umshado kaGigaba noMngoma ubuzamazama ngemuva kwamahlazo okubalwa nezinsolo zokuphinga.
UGigaba uthe kumphathe kabi ukubona uMngoma ehudulela izingane zabo kulo mkhuba.
“Angikwazi ukuvumela izingane zami zihudulelwe kulokhu. Bancane kakhulu.”
Umthombo wesithombe: @IOL